Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 41:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika: ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha nezingalo eziyisithupha ububanzi ngalapha, yibo ububanzi betabernakele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Wayesengingenisa ethempelini, wakala izinsika ngayinye, ububanzi babungamakhubhithi ayisithupha ngapha nangapha, yilobo-ke ububanzi bezinsika, zethabanakeli.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 41:1
16 Referans Kwoze  

Ithempeli nendlu engcwele kwakunezicabha ezimbili.


Wayesengiyisa egcekeni elingaphandle; bheka, kwakukhona amakamelo nendawo egandayo yegceke nxazonke; amakamelo angamashumi amathathu ayesendaweni egandayiweyo.


Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.


Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.


Izinsika zomnyango wethempeli zaziyizinhlangothi ezine eziyisikwele, nengaphambili lendlu engcwele; ukubonakala kwenye njengokubonakala kwenye.


Khona-ke wangena ngaphakathi walinganisa insika yomnyango: izingalo ezimbili; nomnyango, izingalo eziyisithupha; nobubanzi bomnyango: yizingalo eziyisikhombisa.


Yalinganisa umpheme wesango, izingalo eziyisishiyagalombili; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungaphakathi.


Indlu inkosi uSolomoni eyayakhela uJehova, ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bayo buyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu.


Wayesengikhiphela egcekeni elingaphandle, indlela eya enyakatho; wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo esesithelweni, elalingaphambi kwesakhiwo, ngasenyakatho.


Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni kwa-Israyeli, ngenyanga kaSifi, eyinyanga yesibili, waqala. Ukwakha indlu kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite