Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 39:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uzakuwa ezintabeni zakwaIsrayeli, wena lawo wonke amaviyo akho labantu abalawe; ngiyakukunikela ezinyonini ezidla inyama yezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho wonke, nezizwe ezikanye nawe, ngikunikele kuzo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo ezidla inyama, nasezilwaneni zasendle ukuba zikudle.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 39:4
14 Referans Kwoze  

Yisho kanje kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, labo abasezincithakalweni bayakuwa ngenkemba, nosendle ngiyakumnika izilo ukuba adliwe, abasezinqabeni nasemigedeni bayakudabula isifo.


Ngiyakubiza inkemba phezu kwazo zonke izintaba zami,” usho uJehova, “inkemba yomuntu imelane nomfowabo.


Ngiyakukwenza ukuba uphonseke ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho; uyakuwa endle; awuyikubuthwa, ungaqoqwa; ngikunike ukuba ube ngukudla kwezilwane zasendle nokwezinyoni zezulu.


Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja ukuba ziklebhule, nezinyoni zezulu nezilo zomhlaba ukuba zidle, zichithe.


UJehova Sebawoti wafunga wathi: “Impela njengokucabanga kwami kuyakuba njalo; njengalokho ngihlosile, kuyakuma kanjalo;


ukuthi ngiyakwephula umAsiriya ezweni lami, ngimnyathele ezintabeni zami; khona ijoka lakhe liyakumuka kubo, nomthwalo wakhe emahlombe abo.


Abanqotshiweyo nguJehova ngalolo suku bayakuba khona kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba; abayikulilelwa, babuthwe, bangcwatshwe; bazakuba ngumquba emhlabathini.


Ngiyakugcwalisa izintaba zakhe ngababuleweyo bakhe, emagqumeni akho nasezigodini zakho nakuyo yonke imifula yakho ababulewe ngenkemba bayakuwa.


Niyakuwela endle, ngokuba mina ngikhulumile,” usho uJehova.


Umgadi wehhashi uphakamisa inkemba ekhazimulayo kanye nomkhonto ocwebezelayo, futhi kukhona uquqaba lwababulewe nenani elikhulu lezidumbu; nezidumbu zabo azipheli; bakhubeka phezu kwezidumbu zabo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite