Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 32:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakukushiya emhlabeni, ngikulahle endle, zihlale phezu kwakho zonke izinyoni zezulu, ngigcwalise ngawe izilwane zomhlaba wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyakukuphonsa emhlabathini, ngikuntshinge endle, ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu, ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngiyakukulaxaza emhlabathini, ngikuntshinge endle, ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu, ngizisuthise ngawe zonke izilwane zomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 32:4
19 Referans Kwoze  

Ayakushiyelwa ndawonye abe izinyoni zezintaba nezilwane zomhlaba, izinyoni ziyakuba phezu kwawo ehlobo, nezilwane zonke zomhlaba zingene ebusika phezu kwawo.


Ngiyakukwenza ukuba uphonseke ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho; uyakuwa endle; awuyikubuthwa, ungaqoqwa; ngikunike ukuba ube ngukudla kwezilwane zasendle nokwezinyoni zezulu.


IGibithe liyakuba yincithakalo, no-Edomi abe yihlane eliyincithakalo, ngenxa yobudlova phezu kwabantwana bakwaJuda, ngokuba bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


Abanqotshiweyo nguJehova ngalolo suku bayakuba khona kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba; abayikulilelwa, babuthwe, bangcwatshwe; bazakuba ngumquba emhlabathini.


Bayowendlala phambi kwelanga nenyanga naphambi kwebandla lonke lasezulwini ababelithanda nababelikhonza, ababelilandela, ababelifuna, bekhuleka; abayikubuthwa, bangangcwatshwa; bazakuba semhlabeni ukuze babe ngumquba.


Bayakuphuma babone izidumbu zamadoda aphambuke kimi; ngoba impethu yabo kayiyikufa, lomlilo wabo kawuyikucitsha; bayakuba yisinengiso kuyo yonke inyama.


Kepha wena ulahliwe ethuneni lakho njengehlumela elinengekayo, nanjengezingubo zababulewe, abagwazwe ngenkemba, behlela ematsheni omgodi; inyathelwe phansi njengesidumbu.


Wachoboza amakhanda kaLeviyathani, wamnika ukuba abe ngukudla kwabakhileyo ehlane.


Bayakuwa ngenkemba; bayakuba yisabelo sezimpungushe.


Ngiyakugcwalisa izintaba zakhe ngababuleweyo bakhe, emagqumeni akho nasezigodini zakho nakuyo yonke imifula yakho ababulewe ngenkemba bayakuwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite