Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 3:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isisu sakho masidle, ugcwalise izibilini zakho ngalo msebenzi engikunika wona. Ngabe sengisidla; yayisemlonyeni wami njengoju lwezinyosi, ibe mnandi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona.” Ngase ngiwudla, wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, izibilini zakho uzigcwalise ngalo mqulu engikunika wona.” Ngawudla, waba mnandi njengoju emlonyeni wami.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 3:3
18 Referans Kwoze  

Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Amnandi kangakanani amazwi akho emlonyeni wami! yebo, imnandi kunezinyosi emlonyeni wami.


Kuyathandeka kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo; futhi imnandi kunezinyosi namakhekheba.


Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.


MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.


Izwi lakho ngalifihla enhliziyweni yami, ukuze ngingoni kuwe.


Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, kugobhoza esiswini sakhe imifula yamanzi aphilayo.


Wasendlala phambi kwami; kwakulotshwe ngaphakathi nangaphandle, kwakulotshwe kuyo izililo nokulila nosizi.


Ngase ngithi: “Angisayikumkhuluma, angisayikukhuluma egameni lakhe.” Kepha izwi lakhe lalinjengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami enhliziyweni yami;


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;


Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.


Kepha wena, ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe; Ungahlubuki njengaleyo ndlu edlubulundayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini ka-Israyeli, ukhulume amazwi ami kubo.


Futhi, inceku yakho iyaxwayiswa yizo, futhi ukuzigcina kukhona umvuzo omkhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite