Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 UMoya wangiphakamisa, ngezwa emva kwami izwi lokubhonga okukhulu, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wayesengiphakamisa uMoya, ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UMoya wayesengiphakamisa, ngezwa izwi lokuduma okukhulu emva kwami, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaSimakade endaweni yakhe.”

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 3:12
27 Referans Kwoze  

Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.


Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.


UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaJehova elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga; phakathi kwabo ngabona uJahashaniya indodana ka-Ashuri noPhelathiya indodana kaBenaya, abaholi babantu.


Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya!


Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;


Inkazimulo kaJehova yenyuka isuka ekherubini, yema embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, negceke lagcwala ukubenyezela kwenkazimulo kaJehova.


Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yakhuphuka isuka ekherubini eyayikulo, yaya embundwini wendlu. Wabiza indoda eyembethe ilineni, enophondo lombhali ethangeni layo;


UMoya wangena kimi esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa okhuluma kimi.


Enye yabiza enye, yathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti; umhlaba wonke ugcwele inkazimulo yakhe.


Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke.


Bathi kuye: “Bheka, kukhona amadoda anamandla angamashumi ayisihlanu kanye nezinceku zakho; mawahambe ayofuna inkosi yakho, funa uMoya kaJehova ungenyuswanga wayiphonsa entabeni ethile noma esigodini esithile. Wathi: “Awunakuthuma.”


Futhi lapho nje ngisuka kuwe, uMoya kaJehova uzokuyisa lapho engingazi khona; uma ngifika ngitshele u-Ahabi, angakufumani, uyakungibulala; kepha mina, inceku yakho, ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakini, ukhulume kubo, uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; noma bezwa, noma bayeke.


Jehova, ngiyayithanda indawo yokuhlala yendlu yakho nendawo lapho inkazimulo yakho ihlala khona.


Inkazimulo kaJehova yangena endlini ngesango elibheke ngasempumalanga.


UMoya wangiphakamisa, wangisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite