Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 23:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 U-Ohola waphinga esengowami; wafisa izithandwa zakhe kuma-Asiriya, abakhelwane bakhe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abakhelwane bakhe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abangamabutho empi,

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 23:5
23 Referans Kwoze  

Lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe, noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kodwa akakwazanga ukukuphulukisa nokukuphulukisa isilonda sakho.


UShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka wamelana naye; uHoseya waba yinceku yakhe, wamnika izipho.


U-Ahazi wayesethuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathi: “Ngiyinceku yakho nendodana yakho; khuphuka ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli evukayo ngokumelene nami.


UPhuli inkosi yase-Asiriya walihlasela izwe, uMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuqinisa ubukhosi esandleni sakhe.


Wafeba nama-Asiriya, ngokuba ungasuthi; yebo, wafeba nabo, nokho awuneliswanga.


Ukoma kuphezu kwamanzi alo; bayakubuna, ngokuba yizwe lezithombe ezibaziweyo, bathanda izithombe zabo.


U-Efrayimi udla umoya, uxosha umoya wasempumalanga; imihla ngemihla wandisa amanga nokubhubhisa; benza isivumelwano nama-Asiriya, kwangeniswa amafutha eGibithe.


Liyakulethwa e-Asiriya libe yisipho eNkosini uJarebi; U-Efrayimi uyokwamukela ihlazo, futhi u-Israyeli uyoba namahloni ngecebo lakhe.


Ngokuba walangazelela izithandwa zabo, ezinyama yazo injengenyama yezimbongolo, nokugeleza kwazo kunjengokugeleza kwamahhashi.


Lapho ewabona ngamehlo akhe, wawafisa, wathumela izithunywa kuwo eKaledi.


Wayebathanda abase-Asiriya, abakhelwane bakhe, nezinduna zakhe, nababusi, ababevunule kahle, nabamahhashi abakhwele amahhashi, izinsizwa ezinxanelekayo zonke.


Ngakho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, esandleni sama-Asiriya ayewalangazelela.


Wafeba nabo, nabo bonke abakhethiweyo base-Asiriya, nabo bonke ayebakhanukela; wazingcolisa ngazo zonke izithombe zabo.


Ngakho-ke bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho, owajabula ngazo, nabo bonke owabathanda, kanye nabo bonke obazondayo; Futhi ngiyobabutha nxazonke kuwe futhi ngembule ubunqunu bakho kubo, ukuze babone lonke ihlazo lakho.


Wenza izinengiso eziningi ngokulandela izithombe, njengalokho enza ama-Amori uJehova awaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngenxa yezono zikaJerobowamu azenzayo, onisa ngazo u-Israyeli, ngentukuthelo yakhe amthukuthelisa ngayo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.


Iyakukhulula u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, onisa ngazo u-Israyeli;


Kepha wena wenze okubi kakhulu kunakho konke okwakungaphambi kwakho, ngokuba uhambile, wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukuba udlale ngami, wangilahla emva kwakho.


Amagama abo kwakungu-Ohola izibulo, no-Oholiba udadewabo; futhi baba ngabami, futhi bazala amadodana namadodakazi. Ayenjalo amagama abo; ISamariya lingu-Ohola, iJerusalema lingu-Oholiba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite