Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 23:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bafeba eGibithe; bafeba ebusheni babo; kwacindezelwa khona amabele abo, balimaza khona isifuba sobuntombi babo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Babefeba eGibithe, bafeba ebusheni babo; bapotozwa khona amabele abo, zacindezelwa khona izingono zobuntombi babo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Babefeba eGibhithe, bafeba kusukela ebusheni babo; amabele abo awotwawotwa khona, zapotozwa lapho izingono zobuntombi babo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 23:3
17 Referans Kwoze  

Futhi abasayikunikela imihlatshelo yabo kumademoni abaphinge nawo. Kumelwe kube yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.


Kuzo zonke izinengiso zakho nobufebe bakho awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, lapho wawunqunu, uyinyumba, ungcoliswe ngegazi lakho.


Mesabeni manje uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso; nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula naseGibithe; nikhonze uJehova.


Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.


Ngakho wakhumbula ihlazo lobutsha bakho, ngokuchotshozwa kwezingono zakho ngabaseGibhithe ngenxa kayise wobutsha bakho.


Kodwa wandisa ubufebe bakhe ngokukhumbula izinsuku zobutsha bakhe lapho aphinga ngazo elizweni leGibhithe.


Futhi akashiyanga ubufebe bakhe abakhishwa eGibithe; ngoba ebusheni bakhe balala naye, baphula amabele obuntombi bakhe, bathululela ubufebe babo phezu kwakhe.


Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe.


“Ngokuba niyazi ukuthi sahlala kanjani ezweni laseGibithe, nokuthi sadabula izizwe enadabula kuzo;


Izidumbu zabo zizakuba semgwaqweni womuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma leGibhithe, lapho leNkosi yethu yabethelwa khona.


Kwasekusithi ngobubi bobufebe balo, langcolisa ilizwe, laphinga lamatshe langezinduku.


Amagama abo kwakungu-Ohola izibulo, no-Oholiba udadewabo; futhi baba ngabami, futhi bazala amadodana namadodakazi. Ayenjalo amagama abo; ISamariya lingu-Ohola, iJerusalema lingu-Oholiba.


Ngase ngithi kuye osemdala ngokuphinga: Kalokhu bayakuphinga naye, yena kanye nabo, na?


Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.


Kodwa wethemba ebuhleni bakho, wafeba ngenxa yebizo lakho, wathululela ubufebe bakho phezu kwabo bonke abadlulayo; bekungeyakhe.


Ngase ngithi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo izinengiso zamehlo akhe, ningazingcolisi ngonkulunkulu abangcolileyo baseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Uyowuphuza, uwumunce, uphihlize izingcezu zawo, uklebhule amabele akho, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite