Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 22:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Manje wena ndodana yomuntu, uyathanda ukwahlulela, uyakwahlulela umuzi wegazi na? yebo, kumelwe umbonise zonke izinto zakhe ezesabekayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Wena ndodana yomuntu uyakuwahlulela, uyakuwahlulela umuzi wegazi na? Uyakuwazisa-ke zonke izinengiso zawo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Wena ndodana yomuntu uyakwehlulela, uyakuwehlulela yini umuzi ochitha igazi na? Nguwe oyakuwazisa zonke izinengiso zawo,

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 22:2
22 Referans Kwoze  

Maye kuwo umuzi wegazi! konke kugcwele amanga nokuphanga; impango ayisuki;


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Maye kuwo umuzi wegazi! Ngiyovusa ngisho inqwaba umlilo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Maye kuwo umuzi wegazi, imbiza engcolile engaphakathi kwayo, nokugqwala kwayo kungaphumi kuyo! likhiphe iziqephu; ungavumeli okuningi kuwele kukho.


Uyathanda ukubahlulela, ndodana yomuntu, uyathanda ukubahlulela na? mabazazi izinengiso zawoyise;


Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze labanye besabe.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;


Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.


Ngokuthuka, nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga, bayafohla, igazi lithinta igazi.


Ngaphezu kwalokho, uManase wachitha igazi eliningi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela komunye umkhawulo kuya komunye; ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


ukuze igazi labaprofethi bonke elachithwa kusukela ekusekelweni komhlaba libizwe kulesisizukulwana;


ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.


Esigqebheni sakho kwafunyanwa igazi lemiphefumulo yabampofu abangenacala;


Ngibashaye ngeze abantwana benu; abatholanga ukusolwa; inkemba yenu idlile abaprofethi benu njengengonyama ephangayo.


Wayesethi kimi: “Ububi bendlu ka-Israyeli noJuda bukhulu kakhulu, izwe ligcwele igazi nomuzi ugcwele inkohliso; ngoba bathi: INkosi iwushiyile umhlaba, futhi iNkosi akaboni.


Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, futhi nigcwalise izitaladi zawo ngababuleweyo.


Futhi izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Uzakuthi: Itsho njalo iNkosi uJehova: Umuzi uchitha igazi phakathi kwawo, ukuze isikhathi sawo sifike, wenze kuwo izithombe zokuwungcolisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite