Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 20:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, kwafika amadoda amalunga akwa-Israyeli ukuzobuza uJehova, ahlala phambi kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga kwafika amadoda athile amalunga akwa-Israyeli ukuba abuze kuJehova; ahlala phambi kwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngonyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi lwenyanga, kwafika amadoda angamalunga akwa-Israyeli ukuzobuza kuSimakade; ahlala phambi kwami.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 20:1
27 Referans Kwoze  

Kwathi ngomnyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngolwesihlanu lwenyanga, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela phezu kwami khona.


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu wokuthunjwa kwethu, ekuqaleni konyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku isandla sikaJehova saba phezu kwami, wangiyisa khona.


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi nambili, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga yesithathu, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga yokuqala, ngosuku lwesikhombisa lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa, ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi nambili lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Ngosuku lwesihlanu lwenyanga, okwakungumnyaka wesihlanu wokuthunjwa kwenkosi uJehoyakini,


Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.


O ne a na le kgaitsedi e bitswang Maria, ya dutseng maotong a Jesu, a utlwa lentswe la hae.


Base bephuma ukuyobona okwenzekileyo; bafika kuJesu, bamfumana umuntu okwakuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile;


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini, ehlezi phakathi kwabafundisi, ebazwa, ebabuza.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Inkosi uZedekhiya yasithuma yamkhupha; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: “Likhona izwi elivela kuJehova na? Wathi uJeremiya: “Kukhona, ngokuba wathi, uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.


Kepha bayangifuna imihla ngemihla, bajabulela ukwazi izindlela zami njengesizwe esenza ukulunga, esingashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso; izimiso zomthetho bazicela Kimi; bayakujabulela ukusondela kuNkulunkulu.


Ngalokho uJehova wathi: “Ngokuba laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, bangidumisa ngezindebe zomlomo wabo, kepha inhliziyo yabo ikude nami, nokungesaba kwabo kufundiswa ngomyalo wabantu.


U-Elisha wasesithi enkosini yakoIsrayeli: Ngilani lawe? hambani kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko. Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Qha, ngokuba uJehova wabiza lawa makhosi amathathu ukuba awanikele esandleni sikaMowabi.”


Kepha u-Elisha wayehlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; Inkosi yasithuma indoda phambi kwayo, kodwa ingakafiki kuye isithunywa, yathi kubadala: Liyabona yini ukuthi lendodana yombulali ithume ukususa ikhanda lami? Bhekani, lapho isithunywa sifika, nivale umnyango, nisigcine emnyango. Ingabe umsindo wezinyawo zenkosi yakhe awukho ngemva kwakhe?


Siceleleni uJehova; ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, uyalwa nathi; uma uJehova esenza kithi njengezimangaliso zakhe zonke, ukuze asuke kithi.


Kwakumi phambi kwazo amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga endlu yakwa-Israyeli, noJahesaniya indodana kaShafani emi phakathi kwawo, kwaba yilowo nalowo ephethe umcengezi wakhe wempepho esandleni sakhe; kwenyuka ifu elinzima lempepho.


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite