Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngoba bangabantwana abaxhwalileyo lenhliziyo elukhuni. Ngiyakuthuma kubo; uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Bangabantu abanenkani nenhliziyo elukhuni, ngiyakuthuma kubo, uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi ...’

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 2:4
23 Referans Kwoze  

Kodwa indlu kaIsrayeli kayiyikulalela; ngoba kabayikungilalela, ngoba yonke indlu kaIsrayeli ilukhuni lenhliziyo elukhuni.


Baba namahloni lapho benza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi engibahambela ngaso, bayakuwa, usho uJehova.


Jehova, amehlo akho awagxilile eqinisweni na? Wabashaya, kepha abadabukanga; Wabaqeda, kepha bala ukujeziswa; benza ubuso babo baba lukhuni kunedwala; bala ukubuya.


Ngokuba ngazi ukuthi uyisijaka, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi;


Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengasekulingweni nanjengasosukwini lokulingwa ehlane.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.


Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova.


Ngakho izihlambi zanqandwa, akubangakho mvula yamuva; futhi wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Umuntu omubi wenza lukhuni ubuso bakhe, kepha oqotho uyaqondisa indlela yakhe.


Naye wahlubuka enkosini uNebukadinesari, eyamfungisa uNkulunkulu;


Manje ningabi lukhuni njengawoyihlo, kodwa zinikeleni nina kuJehova, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu, ukuze kusuke kini ukuvutha kolaka lwakhe.


Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uJehova akusho kimi, ngiyakukhuluma.”


Ngokuba ngiyabazi ubulukhuni bakho nentamo yakho elukhuni; bhekani, ngisekhona nani namuhla nihlubukile kuJehova; Kakhulu kangakanani emva kokufa kwami?


Ngakho-ke sokani ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba yisijaka.


Kodwa uJehova wathi kimi: Ungatsho ukuthi: Ngingumntwana, ngoba kumele uye kukho konke engikuthuma khona, lakho konke engikuyala ngakho, uzakukhuluma.


Inkosi yayisithuma uJehudi ukuba awuthathe umqulu, wawuthatha ekamelweni lika-Elishama umbhali. UJehudi wayifunda ezindlebeni zenkosi nasezindlebeni zazo zonke izikhulu ezazimi eceleni kwenkosi.


UJehova wangithatha ngisalandela umhlambi, futhi uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.


Yebo, benza izinhliziyo zabo zaba njengetshe, ukuze bangawuzwa umthetho namazwi uJehova Sebawoti awathumela ngomoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela ulaka olukhulu oluvela kuJehova Sebawoti.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini ka-Israyeli, ukhulume amazwi ami kubo.


Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakini, ukhulume kubo, uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; noma bezwa, noma bayeke.


Kodwa lapho ngikhuluma kuwe, ngizavula umlomo wakho, uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ozwayo makezwe; noyiyekayo mayime, ngokuba bayindlu edlubulundayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite