Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, mina ngikhulume nawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ngiyakukhuluma nawe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ukuze ngikhulume nawe.”

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 2:1
32 Referans Kwoze  

Yathi kimi: “Daniyeli, indoda ethandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume uqonde, ngokuba manje ngithunyiwe kuwe. Lapho ekhuluma leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.


Nawe, ndodana yomuntu, zithathele ithayela, ulibeke phansi phambi kwakho, uphonse umuzi, iJerusalema, phezu kwalo.


Ndodana yomuntu, ngakubeka umlindi wendlu ka-Israyeli; khona-ke yizwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ubaxwayise ngokusuka kimi.


“Wena-ke, ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uzithathele impuco eyinsingo, uyidalule ekhanda lakho nasesilevini sakho; bese uzithathela isikali sokukala, uhlukanise izinwele.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini ka-Israyeli, ukhulume amazwi ami kubo.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, dla okutholayo; yidla lo mqulu, uhambe ukhulume nendlu ka-Israyeli.


Ethuthumela emangala wathi: “Nkosi, uthanda ukuba ngenzeni na? INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emzini, njalo uzatshelwa ofanele ukwenze.


Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo;


Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.


Wasondela uJesu, wabathinta, wathi: Sukumani ningesabi.


wathi: “O othandekayo, ungesabi; ukuthula kini, qinani, yebo, qinani. Lapho ekhuluma kimi, ngaba namandla, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami; ngoba ungiqinisile.


Wayesesondela lapho ngangimi khona, lapho efika, ngesaba, ngawa ngobuso; kodwa wathi kimi: Qonda, ndodana yomuntu, ngoba kuzakuba khona isikhathi sokuphela.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na? Ngathi: “Nkosi Jehova, uyakwazi wena.


Ndodana yomuntu, khuluma kumalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: Usho kanje uJehova; Uyeza uzongithinta? Kuphila kwami, usho uJehova, angiyikubuzwa yinina.


Ndodana yomuntu, yenza imfumbe, ukhulume umfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli;


Ndodana yomuntu, iJerusalema malazi izinengiso zalo,


Ndodana yomuntu, umvini udlulani yonke imithi, negatsha eliphakathi kwemithi yasehlathini, na?


Ndodana yomuntu, uma izwe lisona kimi ngokweqa nokuphambuka, ngiyakwelula isandla sami phezu kwalo, ngiphule udondolo lwesinkwa salo, ngithumele phezu kwalo indlala, nginqume kulo abantu nezilwane;


Ndodana yomuntu, la madoda abeke izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka phambi kwawo isikhubekiso sobubi bawo; kufanele ngikhulume nabo nhlobo?


Ndodana yomuntu, profetha kubaprofethi bakoIsrayeli abaprofethayo, uthi kulabo abaprofetha ngenhliziyo yabo: Zwanini ilizwi leNkosi!


Ngakho-ke, ndodana yomuntu, lungisa izinto zakho ozozithatha, uzisuse emini phambi kwamehlo abo; futhi kumelwe usuke endaweni yakho uye kwenye indawo phambi kwamehlo abo;


Nawe, ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova ezweni lakwa-Israyeli; Ukuphela, ukuphela sekufikile emagumbini omane ezwe.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, thatha onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


Kepha wena, ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe; Ungahlubuki njengaleyo ndlu edlubulundayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.


Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.


Umuntu uyini ukuthi umkhumbule? nendodana yomuntu ukuthi uyivakashele na?


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, esizweni esihlubukayo esingihlubukileyo; bona naboyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.


Njengokubonakala kothingo olusefwini ngosuku lwemvula, kwakunjalo ukubonakala kokukhanya nxazonke. Lokhu kwakungukubonakala komfanekiso wenkazimulo kaJehova. Ngathi ngibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Lowomuntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, uqondise inhliziyo yakho kukho konke engiyakukukhombisa khona; ngoba ulethwe lapha ngenjongo yokukutshengisa; tshela indlu ka-Israyeli konke okubonayo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova; Lezi ziyizimiso ze-altare ngosuku abalenza ngalo ukuba banikele ngomnikelo wokushiswa phezu kwalo, kufafazwe ngegazi phezu kwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite