Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 13:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Tshela labo abalinameka ngebumba elingaqinanga ukuthi lizakuwa; nani, matshe esichotho, niyokuwa; nomoya oyisivunguvungu uzowudwengula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa; kuyakuwa imvula ekhukhulayo; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Batshele abagudula ngomcako ukuthi luyakuwa ugange. Kuyakuna imvula enkulu enezikhukhula, nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu ulubhidlize.”

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 13:11
19 Referans Kwoze  

Ngiyakulwa naye ngesifo nangegazi; futhi ngiyonisa phezu kwakhe naphezu kwamabutho akhe naphezu kwabantu abaningi abakanye naye imvula namatshe esichotho esikhulu, umlilo nesibabule.


Bhekani, uJehova unomuntu onamandla nonamandla, oyakuphonsa emhlabeni ngesandla sakhe njengesiphepho sesichotho, nesiphepho esibhubhisayo, njengesikhukhula samanzi amakhulu aphuphumayo.


Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; yawa: kwaba kukhulu ukuwa kwayo.


Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; kepha kayiwa, ngokuba yayisekelwe phezu kwedwala.


UJehova uyabekezela, unamandla amakhulu; akayikumyeka ababi abe msulwa; UJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu awuthuli lwezinyawo zakhe.


Lapho isichotho, yehlela esihlahleni; umuzi uthotshiswe endaweni ephansi.


Niyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma, nangokuzamazama komhlaba, nangomsindo omkhulu, nesiphepho, nesiphepho, namalangabi omlilo oqothulayo.


Ngokuba wawuyinqaba kompofu, inqaba kompofu ekuhluphekeni kwakhe, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekushiseni, lapho ukuphefumula kwabanamandla kufana nesiphepho odongeni.


Ngenxa yalokhu bonke abangcwele bayakukhuleka kuwe ngesikhathi sokufunyanwa kwakho; impela, emifuleni yamanzi amaningi abayikusondela kuye.


Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.


Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke, njengesivunguvungu simdudula endaweni yakhe.


Ungenile yini engcebeni yeqhwa? noma usubonile ingcebo yesichotho,


Ngabona, bheka, kwavela umoya oyisivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu nomlilo ulisibekela, nokukhanya nxazonke zalo, nokuvela kulo okunjengombala wenhlaka, kuvela phakathi komlilo.


Bhekani, uma udonga luwa, akuyikuthiwa kini: Luphi udaka enalunameka ngalo na?


engizigcinele isikhathi sokuhlupheka, usuku lokulwa lempi?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite