Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 12:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho-ke, ndodana yomuntu, lungisa izinto zakho ozozithatha, uzisuse emini phambi kwamehlo abo; futhi kumelwe usuke endaweni yakho uye kwenye indawo phambi kwamehlo abo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Wena ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “Wena ndodana yomuntu, bopha umthwalo wakho ulungele ukuya ekuthunjweni, uzohamba uye ekuthunjweni emini kwabha, bekubuka. Suka endaweni ohlala kuyo, bebuka, uye kwenye indawo. Mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 12:3
24 Referans Kwoze  

Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa bonke ububi engicabanga ukubenza kubo; ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; ukuze ngithethelele ububi babo lesono sabo.


Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;


Uma kunjalo, bayolalela, futhi yilowo nalowo aphenduke endleleni yakhe embi, ukuze ngiphenduke ebubini engihlose ukubenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.


Wasesithi umninisivini: Ngizakwenzani? Ngiyakuthuma indodana yami ethandekayo; mhlawumbe bayoyihlonipha, lapho beyibona.


Mhlawumbe bayoletha ukunxusa kwabo phambi kukaJehova futhi baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngoba inkulu intukuthelo nokufutheka okukhulu uJehova akukhulumile ngokumelene nalaba bantu.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Usho kanje uJehova kimi, uthi: Zenzele izibopho namajoka, ukubeke entanyeni yakho;


Sengathi abantu bami bebengilalela, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami!


O, ukube bebehlakaniphile, bakuqonde lokhu, bakuqaphele ukuphela kwabo;


O, uma kwakukhona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine yonke imiyalo yami kuze kube phakade, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade!


Qoqa impahla yakho elizweni, wena owakhileyo ezinqabeni!


Kodwa lapho ngikhuluma kuwe, ngizavula umlomo wakho, uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ozwayo makezwe; noyiyekayo mayime, ngokuba bayindlu edlubulundayo.


Ngenza njengokulaywa kwami; ngakhipha izinto zami emini njengezinto zokuthunjwa, kwathi sekuhlwile ngabhoboza umduli ngesandla; ngayikhipha kuhwelela, ngayithwala ehlombe phambi kwamehlo abo.


Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, babonise isimo sendlu nokubukeka kwayo, nezindawo zayo zokuphuma, neminyango yayo, nazo zonke izimo zayo, nazo zonke izimiso zayo, nazo zonke izimo zayo, nayo yonke imithetho yayo, ulobe. Phambi kwamehlo abo, ukuze bagcine isimo sayo sonke nezahlulelo zayo zonke, bazenze.


Kodwa kabangilalelanga, kababekanga indlebe yabo, kodwa benza lukhuni intamo yabo; benze okubi kunoyise.


Ngiyakwenza ulimi lwakho lunamathele olwangeni lwakho, ukuze ube yisimungulu, ungabi yisijeziso kubo, ngokuba bayindlu edlubulundayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite