Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 11:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngenze isijeziso phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngiyakunikhipha kuwo, ngininikele esandleni sabafokazi, nginijezise.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 11:9
22 Referans Kwoze  

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nami ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho phambi kwamehlo ezizwe.


Wabanikela esandleni sabezizwe; labo ababebazonda bababusa.


UJehova uyakukuyisa wena nenkosi yakho oyakuyibeka phezu kwakho esizweni obungasazi wena nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


Bayoshisa izindlu zakho ngomlilo, bakwenzele izijeziso phambi kwamehlo abesifazane abaningi; futhi ngiyokwenza ukuba uyeke ubufebe, futhi ungase ungabe usanikeza inkokhelo.


Ukuba ahlulele bonke, asole bonke abangamesabi uNkulunkulu phakathi kwabo ngazo zonke izenzo zabo zokungamesabi uNkulunkulu abazenzile, nangawo wonke amazwi abo alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulume ngaye.


Ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe kube kuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba ayiphatheli ize inkemba, ngokuba iyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubuyisela ulaka kowenza okubi.


Uyinikile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


Ngakho ngizakwenza isijeziso eGibhithe, njalo bazakwazi ukuthi nginguJehova.


Ngiyakuthulula phezu kwakho ukufutheka kwami, ngikuvuthele ngomlilo wokufutheka kwami, ngikunikele esandleni sabantu abayizihlakaniphi nabanekhono lokubhubhisa.


Ngiyakunahlulela njengabesifazane abachitha umshado nabachitha igazi; ngiyakuninika igazi lokufutheka nokushisekela.


Ngakho kuyakuba yihlazo nehlazo, isijeziso nesimangaliso ezizweni ezikuhaqayo, lapho ngenza izijeziso phezu kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangokusola okuvuthayo. Mina Jehova ngikukhulumile.


Ngakho oyise bayakudla amadodana phakathi kwakho, amadodana adle oyise; ngiyakwenza izahlulelo phezu kwakho, ngiyihlakazele yonke insali yakho emimoyeni yonke.


Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; inkosi yaseBabele yabulala zonke izikhulu zakwaJuda.


Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.


Khona-ke uFinehasi wasukuma wenza isahlulelo, futhi isifo saphela.


Wachitha nangegazi elingenacala, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala; uJehova angayithethelelanga.


Zwanini-ke izwi likaJehova nina bonke abathunjwa engibathumbile besuka eJerusalema baya eBabele.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nina eninqotshiweyo enalala kuwo, niyinyama, nalo muzi uyikhanzi; kodwa ngiyakunihola niphume kuwo.


Kusukela ezinsukwini zawobaba sisonile kakhulu kuze kube namuhla; futhi ngenxa yeziphambeko zethu, thina, amakhosi ethu nabapristi bethu, sanikelwa esandleni samakhosi amazwe enkembeni, ekuthunjweni nasekuphangweni nasekujabheni ubuso, njengoba kunjalo namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite