Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 11:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, futhi nigcwalise izitaladi zawo ngababuleweyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, nigcwalisile izitaladi zawo ngababuleweyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Nibulale izindimbane kulo muzi, nagcwalisa imigwaqo yawo ngababuleweyo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 11:6
20 Referans Kwoze  

Yenzani iketanga, ngokuba izwe ligcwele ubugebengu begazi, nomuzi ugcwele ubudlova.


Izikhulu zalo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango, ukuchitha igazi nokubhubhisa imiphefumulo, ukuze zithole inzuzo yokungathembeki.


Bamukela izipho kuwe ukuze bachithe igazi; uthathé inzalo nenzuzo, uzuza ngokuhaha komakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.


Kuwe abahlebayo ukuze bachithe igazi; futhi badla kuwe ezintabeni; benza ihlazo phakathi kwakho.


Uma nelula izandla zenu, ngiyakuwafihla amehlo ami kini; yebo, uma nikhuleka kakhulu, angiyikuzwa; izandla zakho zigcwele igazi.


ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.


Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse.


Umuntu omuhle ubhubhile emhlabeni, abekho oqotho phakathi kwabantu; bonke bafuna igazi; bazingela, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Bakha iSiyoni ngegazi, neJerusalema ngobubi.


Wayesethi kimi: “Ububi bendlu ka-Israyeli noJuda bukhulu kakhulu, izwe ligcwele igazi nomuzi ugcwele inkohliso; ngoba bathi: INkosi iwushiyile umhlaba, futhi iNkosi akaboni.


Ngenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo abachitha igazi labalungileyo phakathi kwalo;


Nizokweba, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishunqise umusi kuBali, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?


Uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, ningalandeli abanye onkulunkulu, kube kukubi;


Esigqebheni sakho kwafunyanwa igazi lemiphefumulo yabampofu abangenacala;


Ngibashaye ngeze abantwana benu; abatholanga ukusolwa; inkemba yenu idlile abaprofethi benu njengengonyama ephangayo.


Ngaphezu kwalokho, uManase wachitha igazi eliningi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela komunye umkhawulo kuya komunye; ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite