Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 11:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Khuluma; Usho kanje uJehova; “Nisho kanje nina ndlu ka-Israyeli, ngokuba ngiyazi konke okufika emicabangweni yenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UMoya kaSimakade wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Nishilo kanjalo nina ndlu ka-Israyeli, kodwa Mina ngiyakwazi enikucabangayo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 11:5
33 Referans Kwoze  

Mina, Jehova, ngihlola inhliziyo, ngivivinya izinso, ukuze nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.


UMoya wangena kimi esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa okhuluma kimi.


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Khuluma uthi: Itsho njalo iNkosi; Bheka, nginakho ngawe, Faro, nkosi yaseGibithe, udrako omkhulu olele phakathi kwemifula yakhe, owathi: ‘Umfula wami ungowami, ngizenzele wona ngokwami.’


Ndodana yomuntu, yisho enduneni yaseTire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngoba inhliziyo yakho iphakeme futhi wena wathi: NginguNkulunkulu, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu, phakathi kolwandle; nokho ungumuntu hhayi uNkulunkulu, ngisho noma ubeka inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu.


Kwathi ngomnyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngolwesihlanu lwenyanga, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela phezu kwami khona.


Kodwa lapho ngikhuluma kuwe, ngizavula umlomo wakho, uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ozwayo makezwe; noyiyekayo mayime, ngokuba bayindlu edlubulundayo.


UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: ‘Hamba uzivalele endlini yakho.


Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakini, ukhulume kubo, uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; noma bezwa, noma bayeke.


Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bafuna ukuwezwa noma bayabayeka beme, ngoba bahlubuka kakhulu.


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.


Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Ngokuba nithi: Senzile isivumelwano nokufa, sivumelana nendawo yabafileyo; uma isifo esibi sidlula, asiyikusehlela;


Lezizinto wazenza, ngathula; ubucabanga ukuthi nginjengawe, kepha ngiyakukusola, ngikuyale phambi kwamehlo akho.


Ububi bababi mabuphele; kodwa uqinise abalungileyo, ngokuba uNkulunkulu olungileyo uhlola izinhliziyo nezinso.


Wena-ke, ndodana yami, Solomoni, yazi wena uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo langengqondo evumayo; ngokuba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, uqonda yonke imicabango yemicabango; uma nimfuna, niyotholwa; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Lapho befika lapho entabeni, kwafika uquqaba lwabaprofethi ukumhlangabeza; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.


UMoya kaJehova uzakufika phezu kwakho, uprofethe kanye nabo, uguqulwe ube ngomunye umuntu.


nolimi lungumlilo, izwe lokungalungi, lunjalo nolimi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela inkambo yemvelo; futhi uthungelwa umlilo wesihogo.


Kwathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo, njengalokhu wehlela kithi ekuqaleni.


UPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.


Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.


UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?


Kepha, Jehova Sebawoti, owahlulela ngokulunga, ohlola izinso nenhliziyo, mangibone impindiselo yakho kubo, ngokuba ngimazisile wena icala lami.


Futhi okufika enhliziyweni yenu akuyikuba-khona nhlobo, ukuthi nithi: Siyakuba njengezizwe, njengezizukulwane zamazwe, ukukhonza imithi namatshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite