UHezekeli 11:5 - Contemporary Zulu Bible 20245 UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Khuluma; Usho kanje uJehova; “Nisho kanje nina ndlu ka-Israyeli, ngokuba ngiyazi konke okufika emicabangweni yenu. Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE5 UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu. Gade chapit laIsiZulu 20205 UMoya kaSimakade wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Nishilo kanjalo nina ndlu ka-Israyeli, kodwa Mina ngiyakwazi enikucabangayo. Gade chapit la |
Ndodana yomuntu, yisho enduneni yaseTire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngoba inhliziyo yakho iphakeme futhi wena wathi: NginguNkulunkulu, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu, phakathi kolwandle; nokho ungumuntu hhayi uNkulunkulu, ngisho noma ubeka inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu.