UHezekeli 1:4 - Contemporary Zulu Bible 20244 Ngabona, bheka, kwavela umoya oyisivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu nomlilo ulisibekela, nokukhanya nxazonke zalo, nokuvela kulo okunjengombala wenhlaka, kuvela phakathi komlilo. Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE4 Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni. Gade chapit laIsiZulu 20204 Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo. Gade chapit la |
Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.