Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu, ngenyanga yesine, ngolwesihlanu lwenyanga, ngiphakathi kweziboshwa ngasemfuleni iKebari, lavuleka izulu, ngabona imibono kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari, lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 1:1
39 Referans Kwoze  

Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.


Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


UJesu esebhapathiziwe wahle wakhuphuka emanzini;


Ngemva kwalokho uMoya wangiphakamisa wangisa embonweni ngoMoya kaNkulunkulu eKhalediya ezibotshwa. Ngakho umbono engawubonayo wenyuka usuka kimi.


Wabona izulu livulekile, nesitsha esithile sehlela kuye, njengendwangu enkulu, eboshiwe emagumbini omane, yehliselwa emhlabeni;


Kwathi sebebhabhathiziwe abantu bonke, uJesu laye esebhabhathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka;


Lezi yizidalwa eziphilayo engazibona phansi kukaNkulunkulu ka-Israyeli ngasemfuleni iKhebari; ngase ngazi ukuthi kwakungamakherubi.


Amakherubi aziphakamisa; Lesi yisidalwa esiphilayo engasibona emfuleni iKhebari.


Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu.


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.


Kwakunjengokubonakala kombono engawubonayo, njengombono engawubona lapho ngifika ukuchitha umuzi; ubuso babunjengobuso engabubona emfuleni iKhebari; ngase ngiwa ngobuso.


Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.


Ngasukuma ngaphuma ngaya ethafeni, bheka, inkazimulo kaJehova yayimi lapho, njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso.


Izwi likaJehova lafika ngokuqondile kuHezekeli umpristi, indodana kaBusi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari; isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Futhi wathi: Yizwani amazwi ami: Uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina, iNkosi, ngizozazisa kuye ngombono futhi ngikhulume kuye ngephupho.


Akungifanele ukuzibonga. Ngizakuza emibonweni lezambulweni zeNkosi.


Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.


Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono.


Ngakhuluma ngabaprofethi, ngandisa imibono, ngenza nemifanekiso ngenkonzo yabaprofethi.


Emehlweni kaNkulunkulu wangingenisa elizweni lakoIsrayeli wangimisa entabeni ende kakhulu, eduze kwayo yayinjengogange lomuzi eningizimu.


Ngase ngifika kwabadingisiwe eThelabibi ababehlala ngasemfuleni iKhebari, ngahlala lapho ababehlezi khona, ngahlala phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


kusukela koleminyaka engamatshumi amathathu langaphezulu kusiya koleminyaka engamatshumi amahlanu, bonke abangena empini ukwenza umsebenzi ethenteni lenhlangano.


Babona uNkulunkulu ka-Israyeli, futhi ngaphansi kwezinyawo zakhe kwakunjengomsebenzi ogandayiwe wetshe lesafire, nanjengendikimba yezulu ekukhazimuleni kwawo.


UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono yasebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe! Wathi: “Ngilapha.”


Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”


Sebehla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu umbono, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu.


Ukufana kobuso bazo kwakuyibo lobo buso engabubona emfuleni iKhebari, ukubonakala kwazo nazo ngokwazo;


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;


UJesu yena waqala eneminyaka engaba ngamashumi amathathu (njengoba kwakucatshangwa) indodana kaJosefa, indodana kaHeli,


Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona iNkosi ihlezi esihlalweni sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umphetho wayo ugcwalisa ithempeli.


Ngasemifuleni yaseBabele lapho sahlala khona, yebo, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.


Ngokuba nithi: ‘UJehova wasivusela abaprofethi eBabele;


Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwekhanda lamakherubi, kwabonakala phezu kwawo kunjengetshe lesafire, kufana nomfanekiso wesihlalo sobukhosi.


Ngokuqondene nokubonakala kwawo omane ayefana kungathi isondo liphakathi kwesondo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite