Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 OShemi noJafete bathatha ingubo, bayibeka emahlombe abo bobabili, bahlehla nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo bubheke emuva, ababonanga ubunqunu bukayise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 UShemu noJafethi bathatha ingubo bayibeka emahlombe abo, bahlehla nyovana, bangena, babufihla ubunqunu bukayise. Babufulathelisa ubuso babo ukuze bangabuboni ubunqunu bukayise.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:23
11 Referans Kwoze  

Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.


Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Phezu kwakho konke yibani nothando oluvuthayo phakathi kwenu, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.


Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi.


Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.


Amalunga aphatha kahle makabalwe njengabafanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo asebenza kanzima ezwini nasekufundiseni.


Umdala ungamkhuzi, kodwa umkhuze njengoyihlo; namasha njengabafowabo;


Nikani bonke okubafaneleyo; inkokhiso kubani; ukwesaba kokwesabayo; udumo kubani ukudunyiswa.


Kumelwe usukume phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bexhegu, wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.


UHamu, uyise kaKhanani, wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo ababili ngaphandle.


UNowa waphaphama ewayinini lakhe, wakwazi lokho indodana yakhe encane eyayikwenzile kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite