Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 7:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Zangena ngazimbili kuNowa emkhunjini, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kwangena ngambili emkhunjini kuNowa, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 zangena emkhunjini ngazimbili, iduna nensikazi kanye noNowa njengokuba uNkulunkulu ayeshilo kuye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 7:9
12 Referans Kwoze  

Impisi newundlu kuyakudla ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkunzi, nothuli lube yinyama yenyoka. Aziyikwenza okubi, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.


Ezingenayo, kwangena iduna nensikazi kuyo yonke inyama, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wamfaka.


INkosi uNkulunkulu yasibumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu; futhi waziletha ku-Adamu ukuze abone ukuthi uzoziqamba ngokuthini; nokuthi konke u-Adamu aziqamba ngakho konke okuphilayo, kwaba ngamagama azo.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Yebo, unogolantethe ezulwini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiwe; nehobhe nenkonjane kuyasigcina isikhathi sokufika kwazo; kepha abantu bami abawazi ukwahlulela kukaJehova.


Ezinyameni ezihlambulukileyo, nasezinyameni ezingcolileyo, nakuzinyoni, nakuzo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni,


Emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni.


Zangena kanye noNowa emkhunjini, ngambili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila.


Wenza ke uNowa; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, wenze njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite