Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 7:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Zonke izidalwa eziphilayo ezazisemhlabeni zabhujiswa, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; futhi zabhujiswa emhlabeni, kwasala uNowa kuphela nalabo ababenaye emkhunjini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 7:23
21 Referans Kwoze  

futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu;


Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


Okwathi ngalo umhlaba owawukhona, ugcwele amanzi, wabhubha;


Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.


INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe;


Inotho ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kophula ekufeni.


Ohlala endaweni yokucasha yoPhezukonke uyakuhlala emthunzini kaSomandla.


Uzakusindisa ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, kwabayisikhombisa akuyikukuthinta okubi.


Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nezinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho; kodwa ngeke lisondele kuwe.


Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.


Waphuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe kanye naye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite