Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lezi ziyizizukulwane zikaNowa: UNowa wayeyindoda elungile, engenasici esizukulwaneni sakhe; uNowa wahamba noNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:9
34 Referans Kwoze  

Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu;


Wayesethi uJehova kuNowa: “Ngena emkhunjini wena nendlu yakho yonke; ngoba ngikubonile ulungile phambi kobuso bami kulesisizukulwana.


U-Enoke wahamba noNkulunkulu, wayengasekho; ngoba uNkulunkulu umthathile.


Kodwa ukuthi ngomthetho kakho olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu, kusobala, ngoba olungileyo uzaphila ngokukholwa.


U-Abrama eseneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami futhi uphelele.


Emva kokuzalwa kukaMethusela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.


Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Kwakukhona umuntu ezweni lakithi ogama lakhe linguJobe; futhi lowo muntu wayephelele futhi elungile, futhi wayemesaba uNkulunkulu futhi ebalekela okubi.


Lona-ke umlando wamazulu nomhlaba ekudalweni kwakho nomuntu ensimini ngosuku uJehova uNkulunkulu akwenza ngalo.


Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.


Ngoba kakho umuntu olungileyo emhlabeni owenza okuhle njalo angoni.


Base bethi: UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, nodumo oluhle esizweni sonke samaJuda, uxwayiswe nguNkulunkulu ngengelosi engcwele ukuba akubize endlini yakhe, ezwe amazwi kwakho.


Noma uNowa noDaniyeli noJobe babephakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, abayikusindisa indodana noma indodakazi; kodwa bazahlenga imiphefumulo yabo ngokulunga kwabo.


UJehova wayesethi kuSathane: “Ingabe uyiqaphele inceku yami uJobe ukuthi akakho ofana naye emhlabeni, umuntu oqotho noqotho, owesaba uNkulunkulu futhi ogwema okubi?


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwembulwa kulo, kuvela ekukholweni kuye ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: Olungileyo uyakuphila ngokukholwa.


Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguJosefa, engumeluleki; futhi wayeyindoda elungileyo, elungile;


Bheka, kwakukhona eJerusalema indoda, igama layo linguSimeyoni; futhi lo muntu wayelungile futhi esaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, futhi uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Bheka, umphefumulo wakhe oziphakamisile awulungile kuye, kepha olungileyo uyakuphila ngokholo lwakhe.


Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.


Bheka umuntu opheleleyo, umbone oqotho, ngokuba isiphetho salowo muntu kungukuthula.


Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; kepha inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba phambi kwakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuphila kwami kuze kube namuhla;


Nginjengomuntu oyinhlekisa kumakhelwane wakhe, obiza uNkulunkulu, amphendule; olungileyo oqotho uyahlekwa.


Wayesethi uSolomoni: “Wenze umusa omkhulu encekwini yakho, ubaba uDavide, njengoba ayehamba phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe; umgcinele lomusa omkhulu ukuthi umnike indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njenganamuhla.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo.


Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa, oShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa wona emva kukazamcolo.


Le yincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Mhla uNkulunkulu edala umuntu, wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu;


UNowa wazala amadodana amathathu: uShemi, noHamu, noJafete.


Kumelwe niphelele kuJehova uNkulunkulu wenu.


Futhi ngangiqotho phambi kwakhe, ngazilinda ebubini bami.


Kepha ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; Uyinqaba yabo ngesikhathi sokuhlupheka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite