Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa uNowa wathola umusa emehlweni eNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Nokho uNowa wafumana umusa emehlweni kaSimakade.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:8
23 Referans Kwoze  

Bheka manje, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, futhi ukhulise umusa wakho ongenzele wona kimi ngokusindisa ukuphila kwami; futhi anginakubalekela entabeni, funa ububi bungifike ngife.


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ngoba umusa kaNkulunkulu oletha insindiso usubonakalisiwe ebantwini bonke;


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


Kanjalo uyakufumana umusa nengqondo enhle emehlweni kaNkulunkulu nakubantu.


UJehova uyabavikela bonke abamthandayo, kodwa bonke ababi uzakubabhubhisa.


Kepha kosebenzayo umvuzo awubalwa ngokomusa, kodwa ngokwesikweletu.


owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele.


Umuntu omuhle uthola umusa kuJehova, kepha umuntu onamacebo amabi uyakumlahla.


futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu;


Ngoba lowo ongitholayo uthola ukuphila njalo uzazuza umusa eNkosini.


Usho kanje uJehova, uthi: “Abantu abasala enkembeni bathola umusa ehlane; u-Israyeli, lapho ngiyomphumuza.


INkosi mayimnike ukuba athole umusa eNkosini ngalolo suku, nokuthi zingaki izinto angikhonza ngazo e-Efesu, uyakwazi wena kahle.


Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe;


Uma kungomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa. Kepha uma kuya ngemisebenzi, akuseyiwo umusa; uma kungenjalo umsebenzi awusewumsebenzi.


ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade.


Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


Njengoba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.


Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.


Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite