Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:4
8 Referans Kwoze  

Sabona lapho amaRefa, amadodana ka-Enaki, evela emaRefa; sasinjengezinkumbi emehlweni ethu, futhi sasinjalo nasemehlweni abo.


Ngokuba ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, owasala ensalini yamaRefa; bheka, umbhede wakhe wawungumbhede wensimbi; Kalikhona yini eRabbathi labantwana bakoAmoni? babuyizingalo eziyisishiyagalolunye ubude, nezingalo ezine ububanzi, ngokwengalo yomuntu.


Kwaphuma iqhawe ekamu lamaFilisti, igama likaGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nobubanzi besandla.


Bema phambi kukaMose kanye nabanye babantwana bakwa-Israyeli, izikhulu zebandla ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, abantu abadumileyo ebandleni;


Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.


nabo babebalwa njengamaRefa njengama-Anaki; kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite