Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 50:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Izinqola nabamahhashi bakhuphuka naye, kwaba isixuku esikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwakhuphuka nabo nezinqola, nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kwakhuphuka ngisho namabutho agibele izinqola zempi, nagibele amahhashi, kwaba yisixuku esikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 50:9
10 Referans Kwoze  

Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu.


Ngikufanise, sithandwa sami, neviyo lamahhashi ezinqoleni zikaFaro.


Pho, ungabubuyisela kanjani emuva ubuso besinye sezikhulu zezinceku ezincane zenkosi yami, uthembele eGibithe ukuze uthole izinqola nabamahhashi?


Amanzi abuya, asibekela izinqola, nabamahhashi, nempi yonke kaFaro eyangena elwandle emva kwawo; akwasala ngisho noyedwa kubo.


Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe.


Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha zekhethelo kanye nazo zonke izinqola zaseGibhithe nezinduna phezu kwazo zonke.


UJosefa walungisa inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni, wammisa phambi kwakhe; wawela entanyeni yakhe wakhala isikhathi eside entanyeni yakhe.


Wamkhwelisa enqoleni yesibili ayenayo; bamemeza phambi kwakhe, bathi: Guqani, wambeka umbusi phezu kwelizwe lonke leGibhithe.


Yonke indlu kaJosefa, nabafowabo, nendlu kayise, bashiya kuphela abantwana babo abancane, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, ezweni laseGosheni.


Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite