Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 50:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sengiyafa, uNkulunkulu uyakuninakekela nokuninakekela, anikhiphe kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 50:24
34 Referans Kwoze  

Izwe engalinika u-Abrahama no-Isaka ngiyakulinika wena, nenzalo yakho emva kwakho ngiyakulinika izwe.


hlala njengowezizwe kuleli zwe, ngiyakuba nawe, ngikubusise; ngokuba ngiyakukunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, futhi ngigcwalise isifungo engasifunga kuyihlo u-Abrahama;


Bheka, uJehova wema lapho, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu kayihlo u-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka; izwe olele kulo ngiyakulinika wena nenzalo yakho;


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Bheka, ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


Mina ngizakwehlela lawe eGibhithe; futhi ngokuqinisekile ngizokuvusa futhi, futhi uJosefa uyobeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho.


Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.


Wathi kuye: NginguJehova owakukhipha e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe ukuba ulidle.


Suka, udabule izwe ngobude balo nobubanzi balo; ngoba ngizakunika lona.


Ngoba lonke ilizwe olibonayo ngizalinika wena lenzalo yakho kuze kube nininini.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.


Ngokholo uJosefa esefile wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakoIsrayeli; walaya ngamathambo akhe.


Njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa;


Ngakho njengalokhu ngamuntu munye isono sangena emhlabeni, langesono ukufa; kanjalo ukufa kwedlulela kubantu bonke, lokhu bonke bonile;


Khona uthuli luyobuyela emhlabathini njengoba lwalunjalo, futhi umoya uyobuyela kuNkulunkulu owawunikayo.


Futhi lapho besaba abaphezulu, futhi ukwesaba kuyoba endleleni, futhi um-alimondi uyoqhakaza, nesikhonyane siyakuba ngumthwalo, futhi ukufisa kuyaphela; ngokuba umuntu uya endlini yakhe ende, nabalilayo bahamba ezitaladini;


Ngokuba ngiyazi ukuthi uyakungiyisa ekufeni nasendlini emiselwe bonke abaphilayo.


Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni alifungela oyihlo, ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika imizi emikhulu nemihle ongayakhanga,


Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.


Ngempela, amadoda akhuphuka eGibhithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngeke alibone izwe engalifunga ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngoba abangilandelanga ngokuphelele.


INkosi yasisithi kuMozisi: Hamba usuke lapho, wena labantu owabakhupha elizweni leGibhithe, uye elizweni engalifungela uAbrahama, uIsaka loJakobe, ngathi: Kuwe. Inzalo ngiyakuyinika;


Abantu bakholwa, sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ulubonile usizi lwabo, bakhothama, bakhuleka.


Ubaba wangifungisa wathi: Bheka, ngiyafa; ethuneni lami engazimbela lona ezweni laseKhanani, lapho uyakungimbela. Manje-ke ake ngikhuphuke ngingcwabe ubaba, futhi ngizobuya.


UJehova wamhambela uSara njengokukhuluma kwakhe, uJehova wenza kuSara njengokukhuluma kwakhe.


Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ogogobele kulo, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade; njalo ngizakuba nguNkulunkulu wabo.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.


Wathi: “Nkosi Nkosi, ngiyakwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?”


Futhi ngehla ukuze ngibasindise esandleni sabaseGibhithe futhi ngibaqeqeshe baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelikhulu, ezweni elichichima ubisi nezinyosi; endaweni yamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi;


Khona-ke uMose wathatha amathambo kaJosefa wahamba nawo, ngoba wayebafungile abantwana bakwa-Israyeli wathi: “Impela uNkulunkulu uzonilalela; futhi niyothwala amathambo ami nisuke lapha nani.


Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa.


Sase sisondela isikhathi sokuthi u-Israyeli afe; wabiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, beka isandla sakho ngaphansi kwenyonga yami, ungenzele umusa neqiniso; ungangingcwabi eGibhithe.


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane lamatshumi amathathu, ngalona lolosuku, wonke amabutho eNkosi aphuma elizweni leGibhithe.


Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite