Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 50:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngakho anothi kuJosefa: Thethelela isiphambeko sabafowenu nesono sabo; ngoba bonile; usithethelele manje isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo. UJosefa wakhala lapho bekhuluma kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ‘Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi.’ Manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 ‘Anotshela uJosefa ukuthi: ngiyakuncenga ukuba uxolele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba benza okubi kuwe.’ Manje siyakunxusa ukuba uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” Kwathi ukuba lowo myalezo ufike kuJosefa, wakhala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 50:17
24 Referans Kwoze  

Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.


Ofihla izono zakhe kayikuphumelela; kepha oyivumayo ayishiye, uyakuba nomusa.


Ngokuba baceba okubi ngawe, baceba icebo elibi abangenakulenza.


NgoNkulunkulu kayihlo ozokusiza; ngoSomandla oyakunibusisa ngezibusiso ezivela ezulwini phezulu, izibusiso zikazamcolo owela phansi, izibusiso ezivela emabeleni nasesiswini.


Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe.


Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.


Nabo bonke abahamba ngalo mthetho, makube kubo ukuthula nesihawu, naku-Israyeli kaNkulunkulu.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


Kwathi abayishumi bekuzwa baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane.


Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.


Kanjalo noBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo iziphambeko zakhe ngezinhliziyo zenu.


Nalowo ophuzisa omunye walaba abancinyane inkezo yodwa yamanzi abandayo egameni lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.


Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.


Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila.


Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.


Basebethuma isithunywa kuJosefa ukuthi: Uyihlo walaya engakafi wathi:


Nabafowabo bahamba, bawa phansi phambi kwakhe; futhi bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite