Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 49:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 UBenjamini uklebhula njengempisi; ekuseni uyakushwabadela impango, ebusuku ahlukanise impango.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo; ekuseni uyadla impango, kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 “UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 49:27
25 Referans Kwoze  

Izikhulu zalo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango, ukuchitha igazi nokubhubhisa imiphefumulo, ukuze zithole inzuzo yokungathembeki.


UBenjamini waphuma eGibeya ukulwa nabo ngosuku lwesibili, wabuye wachitha abantu abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ezweni labantwana bakwa-Israyeli; bonke bahosha izinkemba zabo.


Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwa-Israyeli ngalolo suku abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.


Amadodana kaBhenjamini kwakunguBhela, noBhegeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRose, noMuphimi, noHupimi, no-Ardi.


Kwathi umphefumulo wakhe usaphuma, ngokuba wafa, waqamba igama layo ngokuthi uBenoni; kepha uyise wayiqamba ngokuthi uBenjamini.


Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi;


Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.


Kepha uSawulu esafutha izinsongo nokubulala abafundi beNkosi waya kumpristi omkhulu;


Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse.


Kukhona uzungu lwabaprofethi bakhe phakathi kwalo njengengonyama ebhongayo edwengula impango yayo; badla imiphefumulo; bathatha ingcebo nezinto eziyigugu; bamenza abafelokazi abaningi lapho.


Ngakho ingonyama yasehlathini iyababulala, impisi yakusihlwa iyakubaphanga; ingwe iyakulinda imizi yabo, bonke abaphuma khona badwengulwe, ngokuba iziphambeko zabo nezinengiso zabo ziningi iyanda.


NgoBhenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala naye elondekile; uJehova uyakumsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.


Bheka, abantu bayakuvuka njengengonyama enkulu, baziphakamise njengebhongo lengonyama;


Izibusiso zikayihlo zedlula izibusiso zabokhokho bami kuze kube semkhawulweni wezintaba zaphakade; ziyakuba sekhanda likaJosefa nasokhakhayini lwekhanda lalowo owahlukaniswa nabafowabo.


Bonke laba bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; futhi yilokhu uyise akukhuluma kubo wababusisa; wababusisa kwaba yilowo nalowo ngokwesibusiso sakhe.


Kubantwana bakwaBenjamini, izizukulwane zabo ngezizukulwane zabo ngezindlu zoyise ngokwenani lamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma;


Owesizwe sakwaBenjamini: u-Elidadi indodana kaKisiloni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite