Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 49:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Isakare uyimbongolo enamandla elele phakathi kwemithwalo emibili;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “U-Isakhari uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 49:14
10 Referans Kwoze  

Kubantwana bakwa-Isakare, ababekwazi ukuqonda izikhathi, ukwazi okufanele u-Israyeli akwenze; amakhanda abo ayengamakhulu amabili; bonke abafowabo balandela umyalo wabo.


Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo wami, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami; waqamba igama layo ngokuthi u-Isakare.


NgoZebuloni wathi: “Jabula, Zebuloni, ngenxa yofuduko lwakho; no-Isakare ematendeni akho.


Emva kuka-Abimeleki kwasukuma uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba avikele u-Israyeli; wahlala eSamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Wabona ukuthi ukuphumula kuhle, nezwe limnandi; wagoba ihlombe lakhe ukuba athwale, waba yisigqila sokutheliswa.


Base besondela kuye, bathi: “Sizakwakhela izinkomo zethu izibaya lapha, nemizi yabantwana bethu.”


Noma ulala phakathi kwezimbiza, uyakuba njengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliphuzi.


Yakhetha futhi inceku yayo uDavide, yamthatha ezibayeni zezimvu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite