Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi yathi kimi: Bheka, ngizokwenza uzale futhi ngikwandise, futhi ngizokwenza ube uquqaba lwezizwe; leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho emva kwakho libe yifa kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 wathi kimi: ‘Ngizoyandisa inzalo yakho ibe yizinkumbi, ngikwenze izizwe eziningi, leli lizwe ngizolinika izizukulwane zakho libe yifa lazo laphakade.’

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:4
20 Referans Kwoze  

Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ogogobele kulo, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade; njalo ngizakuba nguNkulunkulu wabo.


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu, uMninimandla onke; zalani nande; isizwe nesizwe sezizwe kuyakuvela kuwe, namakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;


Lapho oPhezukonke ehlukanisela izizwe ifa labo, lapho ehlukanisa abantwana bakwa-Adamu omunye nomunye, wamisa imingcele yabantu ngokwesibalo sabantwana bakwa-Israyeli.


Abantwana bakwa-Israyeli bazala, banda, banda, baba namandla kakhulu; izwe lagcwala bona.


U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe, ezweni laseGosheni; babenemfuyo kulo, banda, banda kakhulu;


Wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe; ngoba ngizakwenza ube yisizwe esikhulu khona.


Wathi wena: Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingenakubalwa ngenxa yobuningi.


Futhi uNkulunkulu uSomandla akubusise futhi akwenze uzale futhi akwandise, ukuze ube yisixuku sabantu;


Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;


Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


Ozelwe endlini yakho nothengwa ngemali yakho makasokwe; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu njengesivumelwano esiphakade.


Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso.


Ngakho babeka phezu kwabo abaphathi bezisebenzi ukuze babacindezele ngemithwalo yabo. Bamakhela imizi eyingcebo uFaro, nePitomu, neRamesesi.


Ngokuba ngiyakuninaka, nginenze nithele, nandise, ngimise isivumelwano sami nani.


Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.


Ngizakwenza uzale kakhulu, ngikwenze izizwe, kuphume amakhosi kuwe.


Bayakuhlala ezweni engalinika inceku yami uJakobe, ababehlala kulo oyihlo; bayohlala kulo, bona nabantwana babo nabantwana babantwana babo kuze kube phakade; inceku yami uDavida izakuba ngumbusi wabo kuze kube nininini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite