Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uyise wala wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi lokhu; kodwa ngempela, umfowabo omncane uyakuba mkhulu kunaye, nenzalo yakhe iyoba uquqaba lwezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 UJakobe akavumanga, kodwa wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uzokuba yisizwe, abe mkhulu. Nokho umnawakhe u-Efrayimi uzokuba mkhulu kunaye, izizukulwane zakhe zibe yizizwe eziningi.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:19
17 Referans Kwoze  

Udumo lwakhe lunjengezibulo lenkunzi yakhe, nezimpondo zakhe zinjengezimpondo zenyathi; ngalokho Uyodudula abantu ndawonye kuze kube semikhawulweni yomhlaba; futhi bayizinkulungwane eziyishumi zakwa-Efrayimi, futhi bayizinkulungwane zakwaManase.


U-Isaka wathanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyamazane yakhe, kepha uRebeka wathanda uJakobe.


esizweni sakwaZabuloni kwatywinwa ishumi elinambini lamawaka. Esizweni sakwaJosefa kwatywinwa ishumi elinambini lamawaka. Esizweni sakwaBenjamini kwatywinwa ishumi elinambini lamawaka.


Esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,


AbasePheresiya, naseLudi, nasePhuthini babe sempini yakho, bengamadoda akho empi; baphanyeka isihlangu nesigqoko sokuzivikela; bazisile inkazimulo yakho.


UJehova uyakwehlisela phezu kwakho nakubantu bakho naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingazange zibe khona kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda; inkosi yase-Asiriya.


UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


U-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi engomncane, nesandla sakhe sokhohlo ekhanda likaManase, eqondisa izandla zakhe ngokuhlakanipha; ngoba uManase wayelizibulo.


Mina-ke, bheka, isivumelwano sami sikuwe, futhi uyakuba nguyise wezizwe eziningi.


Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba.


Wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe; ngoba ngizakwenza ube yisizwe esikhulu khona.


UJosefa wayesethi kuyise: “Qha, baba, ngokuba lo uyizibulo; beka isandla sakho sokunene ekhanda lakhe.


UJehova wayesethi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; esinye isizwe siyakuba namandla kunesinye isizwe; futhi omkhulu kumelwe akhonze omncane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite