Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJosefa wayesebakhiphela phakathi kwamadolo akhe, wakhothamela ubuso bakhe emhlabathini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UJosefa wawasusa ethangeni likayise, wakhothamela emhlabathini wathi mbo ngobuso.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:12
15 Referans Kwoze  

UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi.


Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.


Abantwana bakhe bayasukuma bathi ubusisiwe; nomyeni wakhe, futhi uyamncoma.


Ngemva kwalokho wangena wawela ezinyaweni zakhe wakhothamela phansi wathatha indodana yakhe waphuma.


UBhathisheba waya enkosini uSolomoni ukuze akhulume kuyo ngo-Adoniya. Inkosi yamphakamisa, yakhothama phambi kwakhe, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi, yabeka isihlalo sikanina wenkosi; wahlala ngakwesokunene sakhe.


Kumelwe usukume phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bexhegu, wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.


Kumelwe yesabe, kube yilowo nalowo unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


UMose washesha wakhothamela phansi ikhanda lakhe, wakhuleka.


Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Wasedlula phambi kwabo wakhothamela emhlabathini kasikhombisa waze wasondela kumfowabo.


U-Abrahama wasukuma, wakhothamela phambi kwabantu bezwe, phambi kwabantwana bakwaHeti.


Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini;


Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.


UIsrayeli wasesithi kuJosefa: Ngangingacabangi ukuthi ngizakubona ubuso bakho; khangela-ke, uNkulunkulu ungibonisile lenzalo yakho.


UJosefa wayesebabamba bobabili, u-Efrayimi ngesandla sakhe sokunene ngakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, ngakwesokunene sika-Israyeli, wabaletha kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite