Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 UNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukuba nginigcinele inzalo emhlabeni, ngisindise ukuphila kwenu ngokukhululwa okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UNkulunkulu wangithuma ukunandulela ukuze nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe, kukhululwe abaningi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:7
8 Referans Kwoze  

UMose lo abamalayo, bethi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli na? yena uNkulunkulu wamthuma ukuba abe ngumbusi nomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni.


Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu; yala insindiso kaJakobe.


Unika inkosi yakhe ukukhululwa okukhulu; futhi ubonise umusa kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nenzalo yakhe kuze kube phakade.


Futhi woma kakhulu futhi wabiza uJehova wathi: “Wena unike lokhu kukhululwa okukhulu esandleni senceku yakho; futhi manje ngizofa ngokoma futhi ngiwele esandleni sabangasokile na?


Bazifaka phakathi kwaleyo mpahla, bayinikela, bawabulala amaFilisti; uJehova wabakhulula ngokusindisa okukhulu.


Manje ningabi lusizi, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza ukuphila.


Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila.


UJosefa wondla uyise nabafowabo nendlu yakhe yonke ngesinkwa ngokwezizukulwane zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite