Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Mina ngiyakummela; uyakumbiza esandleni sami; uma ngingamlethi kuwe, ngimbeke phambi kwakho, ngiyakuba necala kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Mina ngiyakuba yisibambiso sakhe; uzakumbiza esandleni sami; uma ngingambuyiseli kuwe, ngimbeke ebusweni bakho, ngiyakuba necala kuze kube phakade,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Mina luqobo ngiyakuba yisibambiso sakhe; uyakumfuna kimi, uma ngingambuyisi ngimbeke phambi kwakho, lokho kuyakuba yicala lami imihla yonke yokuphila kwami,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:9
16 Referans Kwoze  

URubeni wakhuluma kuyise, wathi: “Bulala amadodana ami omabili, uma ngingamlethi kuwe; mnikele esandleni sami, mina-ke ngizambuyisela kuwe.


Ngakho uJesu waba yisibambiso sesivumelwano esingcono.


Uma ngithi komubi: ‘O mubi, niyakufa nokufa; uma ungakhulumi ukumxwayisa omubi endleleni yakhe, lowo omubi uyakufa ngobubi bakhe; kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Kepha uma umlindi ebona inkemba iza, angalivutheli icilongo, abantu bengaxwayiswa; uma kufika inkemba, isuse omunye kubo, ususiwe ebubini bakhe; kodwa igazi lakhe ngizalibiza esandleni somlindi.


Futhi, uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze ukungalungi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa; ngoba ungamxwayisanga, uzafela esonweni sakhe langokulunga kwakhe akwenzileyo. Ngeke kukhunjulwe; kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Uma ngithi komubi: Impela uyakufa; futhi ungamxwayisi futhi ungakhulumi ukuxwayisa omubi ngendlela yakhe embi, ukusindisa umphefumulo wakhe; omubi ofanayo uyakufa ngobubi bakhe; kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Igcine kahle inceku yakho; abazidlayo mabangangicindezeli.


Hamba ulale, ungibeke njengesibambiso kuwe; ubani ozongishaya?


Uma kungenjalo, uma inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni siyakuthiwa iziphambeko.


Okudwengulwe ezilwaneni angikulethanga; ngikuthwalele ukulahlekelwa yikho; Wayibiza esandleni sami, noma yebiwe emini noma ebusuku.


Futhi ngempela, igazi lempilo yenu ngizolibiza; esandleni sazo zonke izilwane ngiyakulibiza, nasesandleni somuntu; esandleni somfowabo ngamunye ngiyakufuna ukuphila komuntu.


ukuze igazi labaprofethi bonke elachithwa kusukela ekusekelweni komhlaba libizwe kulesisizukulwana;


Ngoba uba besingathandabuzi, ngabe sesibuyile okwesibili.


UmkaThekhowa wasesithi enkosini: Nkosi yami, nkosi, ububi buphezu kwami laphezu kwendlu kababa, lenkosi lesihlalo sayo sobukhosi kakulacala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite