Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Niphathe esandleni senu imali ephindwe kabili; nemali eyabuyiswa emlonyeni wezikhwama zenu, niyiphathe esandleni senu; mhlawumbe lokhu bekuyiphutha:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 niphathe esandleni senu imali iphindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu, niyihambise ngesandla senu; mhlawumbe kwenzeka iphutha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 niphathe imali ephindwe kabili, nibuyisele leyo mali eyayifakwe emilonyeni yamasaka enu, kungenzeka ukuthi yayingene ngephutha.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:12
12 Referans Kwoze  

Khona-ke uJosefa wayala ukuba izikhwama zabo zigcwalise ukolweni futhi babuyisele imali yomuntu ngamunye esikhwameni sakhe futhi babanike umphako wendlela; wenza njalo kubo.


Kwathi besathulula izikhwama zabo, isikhwama semali salowo lalowo sasisekhukhwini lakhe; kwathi bona noyise bebona izikhwama zemali, besaba.


UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade.


Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle.


ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.


sinakekela okuhle, kungephambi kweNkosi kuphela, kodwa lasemehlweni abantu.


Ningakweleti muntu, kuphela elokuthandana, ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.


Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke.


Futhi thatha umfowenu, usukume, ubuyele kulowo muntu.


Lapho sifika endlini yezihambi, savula izikhwama zethu, bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesikhwama sakhe, imali yethu ngesisindo sayo; futhi sayibuyisela esandleni sethu.


Saletha enye imali esandleni sethu ukuba sithenge ukudla; ngeke sazi ukuthi ubani owafaka imali yethu emaphaketheni ethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite