Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:6
19 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke.


Wamtshela wathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi wezwe lonke laseGibithe.” Inhliziyo kaJakobe yaphela, ngokuba engabakholwanga.


Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe.


UJuda nabafowabo bangena endlini kaJosefa; ngoba wayeselapho, bawa phansi phambi kwakhe.


Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini;


Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.


Wasedlula phambi kwabo wakhothamela emhlabathini kasikhombisa waze wasondela kumfowabo.


Wamkhwelisa enqoleni yesibili ayenayo; bamemeza phambi kwakhe, bathi: Guqani, wambeka umbusi phezu kwelizwe lonke leGibhithe.


UJosefa wayesebakhiphela phakathi kwamadolo akhe, wakhothamela ubuso bakhe emhlabathini.


Kwathi umfana esehambile, uDavida wasukuma endaweni ebheke eningizimu, wawa ngobuso emhlabathini, wakhothama kathathu;


Ogodla ukolweni, abantu bayamqalekisa; kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisayo.


Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengokusho kukaJosefa; kepha ezweni lonke laseGibithe kwakukhona isinkwa.


Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuthenga ukolweni; ngoba indlala yayinzima emazweni wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite