Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:38 - Contemporary Zulu Bible 2024

38 Wayesethi: “Indodana yami ayinakwehla nani; ngoba umfowabo ufile, yena usesele yedwa; uma emehlelwa okubi endleleni enihamba ngayo, niyokwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Wathi: “Indodana yami ayiyikwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo, niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

38 UJakobe wathi: “Indodana yami ayiyukwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, manje nguye yedwa osele, uma ehlelwa yingozi endleleni, niyokwenza ukuba ngiye kwelabafileyo nginomunyu.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:38
20 Referans Kwoze  

Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukumduduza; kepha wala ukududuzwa; wathi: “Ngokuba ngiyakwehlela endaweni yabafileyo ngilila indodana yami.” Ngakho uyise wamkhalela.


Kodwa uBhenjamini umfowabo kaJosefa kamthumanga uJakobe labafowabo; ngoba wathi: Ukuze ububi bungamfica.


Wase ekwazi, wathi: “Le ingubo yendodana yami; isilo esibi samudla; Ngokungangabazeki, uJosefa wadwengulwa.


Bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba namuhla, enye ayikho.


Naseminyakeni yenu nginguye; ngisho nasezinweleni ezimpunga ngiyonithwala; Ngenzile, futhi ngiyakuthwala; nami ngiyakunithwala, nginisindise.


Ngathi ekujuleni kwezinsuku zami: Ngizakuya emasangweni eHayidese; ngiphangiwe insali yeminyaka yami.


Ngoba uNkulunkulu unika umuntu omuhle emehlweni akhe ukuhlakanipha lolwazi lentokozo, kodwa isoni unika ukuhlupheka ukukuqongelela, ukuze amnike okuhle phambi kukaNkulunkulu. Kuyize nokuhlushwa komoya.


Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya.


Izinsuku zeminyaka yethu ziyiminyaka eyishumi namashumi ayisithupha; futhi uma iyiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ngenxa yamandla, nokho amandla ayo awumshikashika nosizi; ngoba masinyane liyanqunywa, futhi siyandiza, simuke.


Manje noma sengimdala futhi ngimpunga, O Nkulunkulu, ungangishiyi; ngize ngiwazise amandla akho kulesi sizukulwane namandla akho kubo bonke abezayo.


Khona-ke yenza njengokuhlakanipha kwakho, futhi ungavumeli ikhanda lakhe elivuthayo lehlele endaweni yabafileyo ngokuthula.


Sathi enkosini yami: ‘Sinobaba ixhegu, nomntwana wobungane bakhe omncane; umfowabo wafa, yena wasala yedwa kunina, uyise wamthanda.


UJakobe waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yesaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


URubeni wakhuluma kuyise, wathi: “Bulala amadodana ami omabili, uma ngingamlethi kuwe; mnikele esandleni sami, mina-ke ngizambuyisela kuwe.


Futhi thatha umfowenu, usukume, ubuyele kulowo muntu.


Sathi enkosini yami: Indodana ayinakumshiya uyise, ngokuba uma imshiya uyise, uyise uyakufa;


Wenza indlela yokukhanya emva kwakhe; umuntu angacabanga ukuthi utwa lumpunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite