Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:57 - Contemporary Zulu Bible 2024

57 Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuthenga ukolweni; ngoba indlala yayinzima emazweni wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

57 Amazwe onke aya eGibhithe ukuyothenga ukudla kuJosefa, ngokuba indlala yayisinzima emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:57
11 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Israyeli beza ukuthenga ukolweni phakathi kwabafikayo, ngokuba indlala yayikhona ezweni laseKhanani.


Indlala yaba phezu komhlaba wonke; uJosefa wavula zonke iziphala, wathengisela amaGibhithe; indlala yaba nzima ezweni laseGibithe.


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengokusho kukaJosefa; kepha ezweni lonke laseGibithe kwakukhona isinkwa.


Izwe owasikhipha kulo malingasho ukuthi: ‘Ngokuba uJehova wayengenakubangenisa ezweni abathembisa lona, nangokuba wayebazonda, wabahola ukuba ababulale ehlane.


Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila.


Kwathi uJakobe ebona ukuthi kukhona ukolweni eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukana ngani na?


Kwaba khona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona; ngoba indlala yayinzima elizweni.


Indlala yayinzima ezweni.


UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi.


UJosefa waqoqa yonke imali eyatholwa ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani kakolweni ababewuthenga, uJosefa wayingenisa imali endlini kaFaro.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite