Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:52 - Contemporary Zulu Bible 2024

52 Eyesibili wayiqamba igama lokuthi u-Efrayimi, ngokuba uNkulunkulu wangenza ngazala ezweni losizi lwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

52 Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

52 Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:52
21 Referans Kwoze  

UJosefa uyigatsha elithelayo, isihlahla sesithelo ngasemthonjeni; amagatsha awo awela odongeni;


UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMagiri, indodana kaManase, bakhuliselwa emadolweni kaJosefa.


Ngizakwenza uzale kakhulu, ngikwenze izizwe, kuphume amakhosi kuwe.


Futhi uNkulunkulu uSomandla akubusise futhi akwenze uzale futhi akwandise, ukuze ube yisixuku sabantu;


abaphuza iwayini ezitsheni, bazigcobe ngamafutha amakhulu, kepha abadabuki ngokuhlupheka kukaJosefa.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke.


UJosefa waqamba izibulo ngokuthi uManase, ngokuba wathi uNkulunkulu ungenze ngakhohlwa konke umshikashika wami nayo yonke indlu kababa.


Yaphela iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe.


Kwathi emva kwalezi zinto omunye wathi kuJosefa: Bheka, uyihlo uyagula; wathatha amadodana akhe amabili, oManase no-Efrayimi, kanye naye.


U-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi engomncane, nesandla sakhe sokhohlo ekhanda likaManase, eqondisa izandla zakhe ngokuhlakanipha; ngoba uManase wayelizibulo.


Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.”


Manje amadodana akho amabili, u-Efrayimi noManase, owazalelwa wona ezweni laseGibithe ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; njengoRubeni noSimeyoni bayakuba ngabami.


Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo kwakunguManase no-Efrayimi.


Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, uManase no-Efrayimi; ngalokho amaLevi akawanikanga isabelo ezweni, kuphela imizi yokuhlala, namadlelo ayo ezinkomo zawo, nempahla yawo.


Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, balidla ifa labo.


Kwakukhona abaningi abesizwe sakwaManase; ngoba wayelizibulo likaJosefa; okungukuthi, uMagiri, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi; ngokuba wayeyindoda yempi, ngalokho waba nelakwaGileyadi neBashani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite