Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:49 - Contemporary Zulu Bible 2024

49 UJosefa wabuthela amabele angangesihlabathi solwandle, amabele, waze wayiyeka isibalo; ngoba lalingelanani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 UJosefa waqongelela amabele angangesihlabathi solwandle, okuningi kakhulu, waze wayeka ukubala, ngokuba kwakungenakubalwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

49 UJosefa waqoqa ukudla okusanhlamvu okwaba kuningi njengesihlabathi ogwini lolwandle, wayeka ukukubala, ngokuba kwakungasenakubalwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:49
9 Referans Kwoze  

Wanisa inyama phezu kwabo njengothuli, nezinyoni ezinezimpaphe njengesihlabathi solwandle.


AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi.


Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; ngokuba bona namakamela abo babengenakubalwa, bangena ezweni ukuba balichithe.


Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.


Impahla yakhe yayiyizinkomo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa ezinkomo angamakhulu ayisihlanu, nezimbongolo ezingamakhulu amahlanu, nezinceku eziningi kakhulu; kangangokuthi lo muntu wayemkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Wabutha konke ukudla kweminyaka eyisikhombisa eyayisezweni laseGibithe, wakubeka ukudla emizini; ukudla kwensimu ezungeza yonke imizi wakubeka.


UJosefa wazalelwa amadodana amabili, ungakafiki unyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite