Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngakho iphupho likaFaro laphindwa kabili; kungenxa yokuthi indaba inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uzoyenza maduzane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:32
18 Referans Kwoze  

UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga; nendodana yomuntu ukuba iphenduke; wathi futhi ngeke? noma ukhulumile angalungisi na?


Sekungokwesithathu ngiza kini. Ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi ayakuqiniswa.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Zase zithukululwa izingelosi ezine, ebezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale ingxenye yesithathu yabantu.


Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.


kodwa ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho; kodwa kuyakunikwa labo abakulungiselweyo.


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.


Waphupha elinye iphupho, walitshela abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe elinye iphupho; bheka, ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kukhothama phambi kwami.


Ngokuba bheka, besibopha izithungu ensimini, bheka, isithungu sami savuka, saqonda; bheka, izithungu zenu zema nxazonke, zakhothama phambi kwesithungu sami.


UJosefa wasesithi kuFaro: Iphupho likaFaro linye: UNkulunkulu wamambulela uFaro azakukwenza.


Nanti izwi engalikhuluma kuFaro: Lokho uNkulunkulu ahlose ukukwenza, uyakubonisa uFaro.


Inala ayisayikwaziwa ezweni ngenxa yendlala ezolilandela; ngoba kuzoba nzima kakhulu.


Ngokuba wabona ukuthi itshe laqheshulwa entabeni kungengazandla, laphahlaza insimbi, nethusi, nobumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu wayazisa inkosi okuzakwenzeka emva kwalokho; iphupho laliqinisekile, nencazelo yalo iqinisekile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite