Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJosefa wasesithi kuFaro: Iphupho likaFaro linye: UNkulunkulu wamambulela uFaro azakukwenza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:25
18 Referans Kwoze  

Ngokuba wabona ukuthi itshe laqheshulwa entabeni kungengazandla, laphahlaza insimbi, nethusi, nobumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu wayazisa inkosi okuzakwenzeka emva kwalokho; iphupho laliqinisekile, nencazelo yalo iqinisekile.


Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu.


ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aninike umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


Kepha qaphelani nina; bhekani, nginitshele konke ngaphambili.


Khona ababili bayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe.


Ngempela, uJehova akenzi lutho, kodwa uyembulile imfihlo yakhe ezincekwini zakhe, abaprofethi.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, nomambuli wezimfihlakalo, lokhu wena ukwazile ukwambula le mfihlakalo;


Izizwe zonke mazibuthane, abantu babuthane; yimuphi kubo ongamemezela lezi zinto futhi asibonise izinto zakuqala na? mabalethe ofakazi babo, ukuze bathiwe balungile; noma mabezwe bathi: Lokhu kuyiqiniso.


UJehova uyazisile insindiso yakhe; Wenza ukulunga kwakhe kwabonakala phambi kwamehlo ezizwe.


UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngiyakubakhulula bonke abanqotshiweyo phambi kuka-Israyeli; kumelwe unqume amahhashi abo futhi ushise izinqola zabo ngomlilo.


UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukho kimi; uNkulunkulu uyakumphendula uFaro ngokuthula.”


Ngokuba ngalesi sikhathi ngiyakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho; ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.


Izinkomo eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; lemithambo eyisikhombisa emihle iyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye.


Nanti izwi engalikhuluma kuFaro: Lokho uNkulunkulu ahlose ukukwenza, uyakubonisa uFaro.


Ngakho iphupho likaFaro laphindwa kabili; kungenxa yokuthi indaba inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uzoyenza maduzane.


Bathi kuye: “Siphuphe iphupho, akakho olichazayo.” UJosefa wathi kubo: “Izincazelo azikaNkulunkulu na? ngicela ungitshele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite