Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ekupheleni kweminyaka emibili egcweleyo uFaro waphupha, khangela-ke, emi emfuleni;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:1
21 Referans Kwoze  

Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni.


Izwe laseGibithe liyakuba yihlane nehlane; bayakwazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: Umfula ungowami, ngiwenzile.


Khuluma uthi: Itsho njalo iNkosi; Bheka, nginakho ngawe, Faro, nkosi yaseGibithe, udrako omkhulu olele phakathi kwemifula yakhe, owathi: ‘Umfula wami ungowami, ngizenzele wona ngokwami.’


Amanzi ayakuphela olwandle, nomfula uyakuba yincithakalo, wome.


Ngalobo busuku inkosi ayizange ilale ubuthongo, yayala ukuba kulethwe incwadi yemilando; zafundwa phambi kwenkosi.


Ngokuba izwe eningena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengensimu yemifino.


Uma nabo bengakholwa yilezi zibonakaliso ezimbili, bengalilaleli izwi lakho, uyakuthabatha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo namanzi owamukileyo; lomfula uyakuba yigazi emhlabathini owomileyo.


UFaro wayala bonke abantu bakhe, wathi: “Wonke amadodana azozalwa niwaphonse emfuleni iNayile, nawo wonke amadodakazi niwasindise ephila.


Baphupha iphupho bobabili, yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, kwaba yilowo nalowo njengokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, owayeboshiwe etilongweni.


Wabaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, wabhekisa ubuso bakhe ezintabeni zakwaGileyadi.


ULabani wathi kuye: “Ngempela, uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala naye inyanga yonke.


Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, ungofileyo ngenxa yowesifazane omthathileyo; ngoba ungumfazi womuntu.


Waphupha, bheka, kwakumi isikhwelo emhlabeni, isihloko saso sifinyelela ezulwini; futhi bheka, izingelosi zikaNkulunkulu zenyuka phezu kwawo futhi zehlela phezu kwawo.


Kodwa induna yabaphathizitsha ayizange icabange ngoJosefa, kodwa yamkhohlwa.


Bheka, kwakhuphuka emfuleni izinkomo eziyisikhombisa ezinhle namanoni enyama; badla edlelweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite