Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 40:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakuwusuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kwathi ngosuku lwesithathu, usuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili, waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Kwathi ngosuku lwesithathu, okwakulusuku lokuzalwa kukaFaro, uFaro wenzela zonke izinceku zakhe idili. Waphakamisa phambi kwazo izikhulu zakhe, induna yabaphathindebe, nenduna yababhakizinkwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 40:20
14 Referans Kwoze  

Kwathi sekugujwa usuku lokuzalwa kukaHerodi, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamthokozisa uHerodi.


Kodwa phakathi kwezinsuku ezintathu uFaro uzaphakamisa ikhanda lakho alisuse kuwe, akulengise emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho kuwe.


Kodwa phakathi kwezinsuku ezintathu uFaro uzaphakamisa ikhanda lakho, akubuyisele endaweni yakho; uyakubeka indebe kaFaro esandleni sakhe njengakuqala, usengumphathizitsha wakhe.


Kwathi sekufikile usuku oluhle, uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe wenzela izikhulu zakhe, nezinduna zezikhulu, nezikhulu zaseGalile idili;


Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga, u-Evilimerodaki, inkosi yaseBabele, ngonyaka aqala ngawo. Ukubusa, ukuphakanyiswa. Inhloko kaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ephuma etilongweni;


Emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku, yalandisana nazo.


Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.


Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wenzela zonke izikhulu zakhe nezinceku zakhe idili; amandla asePheresiya naseMediya, izikhulu nezikhulu zezifunda phambi kwakhe;


Umntwana wakhula walunyulwa; u-Abhrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.


Laze lafika izwi lakhe, izwi likaJehova lamvivinya.


Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngosuku lwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga, u-Evilimerodaki, inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe. Wabusa inhloko kaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,


Wavuka uSolomoni; bheka, kwakuyiphupho. Wafika eJerusalema wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa nemihlatshelo yokubonga, walungisela zonke izinceku zakhe idili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite