Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa akazange amnake uKhayini nomhlatshelo wakhe. UKayini wathukuthela kakhulu, ubuso bakhe bawa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 4:5
18 Referans Kwoze  

Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;


Ngokuba ulaka luyabulala iziwula, nomhawu ubulala iziwula.


Kodwa abaJuda bebona izixuku bagcwala umona, baphikisana lezinto ezazikhulunywa nguPawuli, bephikisa lokuthuka.


Khumbula yonke iminikelo yakho, wamukele umnikelo wakho wokushiswa; Sela.


Angivunyelwa yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami? Iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle?


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Ungawunaki umhlatshelo wabo;


Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi kabunjengakuqala kimi; kepha uNkulunkulu kababa wayenami.


UJakobe wabona ubuso bukaLabani, bheka, babungenjengakuqala kuye.


Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.


Kodwa uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki ubuso bakhe nobude bomzimba wakhe; ngoba ngimalile; ngoba uJehova akaboni njengoba umuntu ebona; ngokuba umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.


Othanda igazi uyamzonda oqotho, kodwa olungileyo ufuna umphefumulo wakhe.


Ubuso babo bufakaza ngokumelene nabo; futhi bamemezela isono sabo njengeSodoma, abasifihli. Maye emphefumulweni wabo! ngoba baziphindiselela okubi.


Kwathi inkosi yakhe isizwile amazwi omkayo eyawakhuluma kuyo, yathi: “Yenze njalo kimi incekukazi yakho; ukuthi ulaka lwakhe lwavutha.


Uphendulela uNkulunkulu umoya wakho, ukhuphe amazwi anjalo emlonyeni wakho?


Ubuwula bomuntu buphendukezela indlela yakhe, nenhliziyo yakhe ithukuthelele uJehova.


Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite