Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 wabiza abantu bendlu yakhe, wakhuluma kubo, wathi: “Bhekani, usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; wangena kimi ukuba alale nami, futhi ngamemeza ngezwi elikhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 wamemeza abendlu yakhe, wathi: “Ake nibheke, umyeni wami usilethele lo mHebheru ukuba azohlekisa ngathi. Uze kimi, wafuna ukulala nami, ngamemeza kakhulu;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:14
21 Referans Kwoze  

Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu.


Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi.


Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale;


Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyophumelela; nalo lonke ulimi olukuvukelayo ekwahluleleni kumelwe ululahle. Leli yifa lezinceku zikaJehova, nokulunga kwazo okuvela kimi,” usho uJehova.


Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.


Ofihla inzondo unezindebe zamanga, nohlebayo uyisiwula.


Niyakuphiwa ngani na? Kuzakwenziwani kuwe, lulimi lwamanga?


Ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela kwababi; ngokuba baphonsa ububi phezu kwami, bangizonda ngokufutheka.


Kwavela ofakazi bamanga; bangibekela izinto engingazazi.


Ngokuba ngempela ngebiwa ezweni lamaHeberu; nalapha angenzanga lutho ukuthi bangangifaka emgodini.


Wasekhuluma kuye njengalamazwi wathi: Inceku engumHebheru osilethele yona ingene ukuzodlala ngami.


Emva kwalokho umkankosi yakhe wabheka uJosefa; wathi: Lala lami.


Kwasekufika okhululiweyo, wabikela uAbrama umHebheru; ngokuba wayehlala e-okini kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; futhi bahlobana no-Abrama.


Naye uShemi, uyise wabo bonke abantwana bakwaHebhere, umfowabo kaJafete, izibulo, wazalelwa abantwana.


Ekuhlonitshweni nasekuhlazweni, ngemibiko emibi negama elihle, njengabakhohlisi, nokho abaqinisileyo;


Abaseduze nabakude nawe bayakuklolodela, abanegama elibi nabathukuthele kakhulu.


Kwathi lapho ebona ukuthi ushiye ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka;


Esezwile ukuthi ngiphakamise izwi lami ngikhala, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wayikhiphela phandle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite