Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kwathi emva kwezinyanga ezintathu watshelwa uJuda ukuthi: UTamari umalokazana wakho uphingile; futhi bheka, ukhulelwe ngokuphinga. Wathi uJuda: “Mkhipheni, amshiswe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi: “UTamari umalokazana wakho ufebile; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe.” UJuda wathi: “Mletheni, ashiswe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Sekwedlule izinyanga ezintathu, uJuda wathola umbiko othi: “UThamari, umalokazana wakwakho, unecala lobufebe, useze wakhulelwa kulobo bufebe bakhe.” UJuda wathi: “Mkhipheleni eshashalazini, ashiswe ngomlilo.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:24
32 Referans Kwoze  

Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, ingcolisa uyise; kumelwe ashiswe ngomlilo.


Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”


Kodwa bangena kuye njengoba bengena kowesifazana ophingayo; bangena ke ku-Ohola no-Oholiba abesifazane abakhanukayo.


Kodwa wandisa ubufebe bakhe ngokukhumbula izinsuku zobutsha bakhe lapho aphinga ngazo elizweni leGibhithe.


U-Ohola waphinga esengowami; wafisa izithandwa zakhe kuma-Asiriya, abakhelwane bakhe;


Isancinza sakhe safeba kuye, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona izinyanga ezine.


Ulokholo na? ube nakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazilahliyo kulokho akuvumelayo.


Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!


Ngasengisithi kuye: Uzangihlalela insuku ezinengi; ungaphingi, ungabi ngowenye indoda; nami ngiyoba njalo nakini.


Bayoshisa izindlu zakho ngomlilo, bakwenzele izijeziso phambi kwamehlo abesifazane abaningi; futhi ngiyokwenza ukuba uyeke ubufebe, futhi ungase ungabe usanikeza inkokhelo.


Wafeba nama-Asiriya, ngokuba ungasuthi; yebo, wafeba nabo, nokho awuneliswanga.


Kodwa wethemba ebuhleni bakho, wafeba ngenxa yebizo lakho, wathululela ubufebe bakho phezu kwabo bonke abadlulayo; bekungeyakhe.


Ngabona, lapho mina, ngenxa yazo zonke izihlubuki u-Israyeli aphinge ngazo, ngamlahla, ngamnika incwadi yesahlukaniso; kepha udadewabo okhohlisayo uJuda akesabanga, kepha wahamba wafeba naye.


INkosi yasisithi kimi emihleni yenkosi uJosiya: Ubonile yini akwenzileyo umchasi uIsrayeli? wakhwela phezu kwazo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


Bathi: “Uma indoda ilahla umkayo, bese emlahla, abe ngowenye indoda, ingabe isabuyela kuye na? ngeke yini lowo mhlaba ungcoliswe kakhulu? kepha wena ufebile nezithandwa eziningi; buyelani kimi,” usho uJehova.


Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Ngase ngifumana okubaba kunokufa, owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyakuphunyuka kuyo; kodwa isoni siyakubanjwa yiyo.


UNathani wasesithi kuDavida: Nguwe lowomuntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngakugcoba ube yinkosi kwa-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule;


Intukuthelo kaDavide yamvuthela lowo muntu; wathi kuNathani: Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho uyakufa nokufa.


Oyise kabayikubulawelwa abantwana, labantwana bangabulawa ngenxa yaboyise;


Umuntu ophinga nomfazi wenye indoda, nalowo ophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi bayakubulawa nokubulawa.


Bathi: “Iyakumphatha udadewethu njengesifebe na?”


U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? futhi ngone ngani ukuba ulethe isono esikhulu phezu kwami naphezu kombuso wami na? Ungenzele izinto okungafanele zenziwe.


Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.


Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, ungofileyo ngenxa yowesifazane omthathileyo; ngoba ungumfazi womuntu.


UJuda wasesithi: Kazithathele, ukuze singajabhi; bheka, ngithume le ngane, kodwa awuyitholanga.


Wakha indawo ephakemeyo kuzo zonke izinhloko zemigwaqo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wavulela bonke abadlulayo izinyawo zakho, wandisa ubufebe bakho.


Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abakhulu ngenyama; ngandisa ubufebe bakho ukuze ungicunule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite