Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:35 - Contemporary Zulu Bible 2024

35 Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukumduduza; kepha wala ukududuzwa; wathi: “Ngokuba ngiyakwehlela endaweni yabafileyo ngilila indodana yami.” Ngakho uyise wamkhalela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

35 Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:35
18 Referans Kwoze  

Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza.


Amalunga endlu yakhe asukuma, aya kuye ukumvusa emhlabathini; kepha akavumanga, akadlanga sinkwa nabo.


Wayesethi: “Indodana yami ayinakwehla nani; ngoba umfowabo ufile, yena usesele yedwa; uma emehlelwa okubi endleleni enihamba ngayo, niyokwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu; URaheli owayekhalela abantwana bakhe wala ukududuzwa ngabantwana bakhe ngoba bengekho.


Ngosuku losizi lwami ngayifuna iNkosi; amathumba ami ageleza ebusuku, awanqamuki; umphefumulo wami wala ukududuzwa.


Wayesethi u-Israyeli: “Sekwanele; Indodana yami uJosefa isaphila: Ngizohamba ngimbone ngingakafi.


Sathi kuye: Singabantu abaqotho; asizona izinhloli.


ULabani wasephendula wathi kuJakobe: Lawa amadodakazi angamadodakazi ami, labantwana bangabantwana bami, lezinkomo ziyinkomo zami, lakho konke okubonayo kungokwami; ngingenzani lawa madodakazi ami lamuhla kubantwana bawo abawazalayo?


U-Abrahama wayesephuma umphefumlo, wafa esemdala, esemdala, esanelisiwe yizinsuku; wabuthelwa kubantu bakhe.


U-Isaka wafa, wabuthelwa kubantu bakubo, esemdala, eseneminyaka eminingi; amadodana akhe o-Esawu noJakobe bammbela.


Kodwa manje usefile, kungani kufanele ngizile ukudla na? ngingambuyisa ngiye kuye, kepha yena akayi kubuyela kimi.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


UIsrayeli wasesithi kuJosefa: Ngangingacabangi ukuthi ngizakubona ubuso bakho; khangela-ke, uNkulunkulu ungibonisile lenzalo yakho.


Kwabikwa kuJowabe ukuthi: “Bheka, inkosi iyakhala, ililela u-Abisalomu.”


Uyise u-Efrayimi walila izinsuku eziningi, abafowabo beza ukumduduza.


Ngacabanga ngoNkulunkulu, ngakhathazeka; ngakhononda, umoya wami waphela amandla. Sela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite