Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wathi kuye: “Hamba, ubheke ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi; futhi ungilethele izwi futhi. Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, wafika eShekemi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Wathi kuye: “Hamba uyobona ukuthi abafowenu nemfuyo basaphatheke kahle yini, bese ungilethela umbiko.” Wamthuma esuka esigodini eHebhroni, waze wayofika eShekhemu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:14
22 Referans Kwoze  

UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre, emzini ka-Arba, okuyiHebroni, lapho u-Abrahama no-Isaka begogobele khona.


esithi: Aluba ubusazi lawe ngalolusuku lwakho, izinto zokuthula kwakho! kepha manje zifihliwe emehlweni akho.


Labo abaphambukela ezindleleni zabo eziyisigwegwe, uJehova uyakubahola kanye nabenzi bobubi, kepha ukuthula kube phezu kuka-Israyeli.


Nifune ukuthula komuzi enganiyisa kuwo njengabathunjwa, niwuthandazele kuJehova; ngoba ekuthuleni kwalo lizakuba lokuthula.


Ngakho igazi labo lizabuyela ekhanda likaJowabi lekhanda lenzalo yakhe kuze kube nininini; kepha kuDavide, nasenzalweni yakhe, naphezu kwendlu yakhe, nasesihlalweni sakhe sobukhosi kuyakuba khona ukuthula okuvela kuJehova kuze kube phakade.


Inkosi yathi kuKushi: “Ingabe insizwa u-Abisalomu iphephile na?” UKusi waphendula wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza, makube njengaleyo nsizwa;


UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni njengefa.


Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)


UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukho kimi; uNkulunkulu uyakumphendula uFaro ngokuthula.”


Wathi kubo: “Usaphilile na?” Base bethi: “Uyaphila; bheka, uRaheli indodakazi yakhe uyeza nezimvu.”


USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.


U-Abrama wamisa itende lakhe, wafika wahlala e-okini kaMamre eHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.


Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wensimu yaseMakaphela phambi kweMamre; yiHebroni ezweni laseKhanani.


Umuntu othile wamfumana, bheka, wayezulazula endle; indoda yambuza yathi: Ufunani?


Ngakho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefune, umKhenazi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo.


UJuda wasesuka wahlasela amaKhanani ayakhe eHebroni; igama leHebroni kuqala laliyiKiriyati Araba; babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.


U-Uriya esefikile kuye, uDavida wambuza ukuthi kwakunjani kuJowabi, lokuthi abantu baqhuba njani, lokuthi impi iphumelele njani.


Wababuza ukuphila kwabo, wathi: “Uyihlo, ixhegu enakhuluma ngalo, wenza kahle na? Usaphila?


UDavide wayishiya inqola yakhe esandleni sabalindi, wagijimela ebuthweni, wafika wabingelela abafowabo.


UMoridegayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuze azi ukuthi u-Esteri unjani nokuthi kuzokwenzekani kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite