Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 35:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Basuka, ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwemizi eyayibazungezile, kabawasukelanga amadodana kaJakobe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 35:5
16 Referans Kwoze  

Ngiyakuthuma ingebhe yami phambi kwakho, ngibulale zonke izizwe oyakufika kuzo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.


Ukwesaba uJehova kwehlela yonke imibuso yamazwe ahanqe uJuda, kangangokuthi ayizange ilwe noJehoshafati.


Kwaba khona ukwesaba okukhulu kubo, ngokuba uNkulunkulu usesizukulwaneni sabalungileyo.


Kwathi lapho onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani asolwandle, ezwa ukuthi uJehova womisa amanzi aseJordani ngaphambili. Abantwana bakwa-Israyeli, saze sadabula, izinhliziyo zabo zaphela amandla, akwabe kusaba lukhuni kubo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


Akuyikuma muntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ukwesatshwa kwenu nokwesabeka kwenu ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengokusho kwakhe kini.


Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise umkhawulo wakho; akuyikubakho muntu oyofisa izwe lakho, uma ukhuphuka uvela phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.


Bayichitha yonke imizi ngaseGerari; ngokuba ukwesaba uJehova kwaba phezu kwabo, baphanga yonke imizi; ngoba kwakukhona impango eningi kuyo.


Kwase kuba khona ukuthuthumela phakathi kwempi, endle, naphakathi kwabantu bonke;


Wathatha izinkabi, wazihlahlela, wazithuma ngesandla sezithunywa kuwo wonke umkhawulo wakwa-Israyeli, wathi: “Ongaphumi ukulandela uSawule noSamuweli, kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ukwesaba uJehova kwehlela phezu kwabantu, baphuma nganhliziyonye.


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.


Bamnika uJakobe zonke izithixo zabezizwe ezazisesandleni sabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwesihlahla somtholo esasiseShekemi.


Namuhla ngizoqala ukubeka ukwesatshwa kwakho nokwesaba kwakho phezu kwezizwe ezingaphansi kwalo lonke izulu eziyozwa ngawe futhi zithuthumele futhi zikwesabe.


Akavumelanga muntu ukuba abaphathe kabi; yebo, wawakhuza amakhosi ngenxa yawo;


U-Asa namadoda ayenaye babaxosha kwaze kwaba seGerari; ngoba bachithwa phambi kukaJehova laphambi kwebutho lakhe; bamuka nempango eningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite